Dylan Bettencourt
I-Scotland Football Association ijabule kakhulu ngokweseka okuvela kubalandeli abahlanganise imali elinganiselwa ku-R9 million ukusiza izingane ezikhahlanyezwe yingxabano yase-Ukraine.
Umdlalo obuphakathi kwe-Scotland ne-Poland ubunabalandeli abangu-39,090 abebewuhambele kanti umuntu ngamunye uye wanikela ngemali elinganiselwa ku-R200 ngokwesicelo se-UNICEF.
Eminye iminikelo yamukelwe ngeminikelo yomlayezo wombhalo kanye nangozakwabo bezentengiselwano.
Umdlalo wobungani ungene esikhundleni sowokuhlungela iNdebe yoMhlaba obekumele ube phakathi kwe-Scotland ne-Ukraine oye wahlehliswa ngenxa yokuhlasela kwe-Russia.
Isikhulu esiphezulu kwiNhlangano yeBhola yase-Scotland u-Ian Maxwell uthe iminikelo ikhombisa ukuthi ibhola liwumthombo omuhle.
“Wonke umuntu kwi-Nhlangano yeBhola yase-Scotland ujabule kodwa akumangazi ukunikela kwabalandeli base-Scotland nalabo abangakwazanga ukubakhona emdlalweni kodwa bashukumiseleka ukuthi banikele mathupha,” kusho uMaxwell.
“Sikanye nozakwethu beNhlangano yeBhola yase-Poland, njengoba lokhu bekuwumbukiso omangalisayo wobumbano phakathi kwezwe nabantu balo ngesikhathi siqoqa imali eningi ukuze sibasize ngendlela esingakhona ngayo.”
I-Scotland isaqhubeka nokulinda usuku oluhlelwe kabusha lomdlalo wabo wokuhlunga ne-Ukraine, kanti umdlalo ne-Wales ulindele ozowina ukuze kunqunywe ukuthi ubani ozothola indawo e-Qatar.
UJon Sparkes, isikhulu esiphezulu eKomidini lase-UK lenhlangano esiza abantulayo uthe umsebenzi we-Scotland FA kanye nabalandeli base-Poland abajikelezayo uzosiza amakhulu ezingane e-Ukraine.
“Imali eqoqiwe izokwenza ukuthi i-UNICEF ikwazi ukuqhubeka nokuhlinzeka ngezinsiza zezempilo eziphuthumayo, okuhlanganisa imithi nezinsiza zezempilo, izinto zzenhlanzeko, amanzi aphephile nendawo yokufihla ikhanda, kanye nokweseka ngokwengqondo kulabo abakhahlanyezwe yingxabano,” esho.
I-Poland, esizibekele indawo kwiNdebe yoMhlaba, ibanjwe yi-Scotland ngo 1-1 ngomhlaka-24 kuNdasa edolobheni lase-Glasgow.
Umthombo wesithombe: @BBC