Umnikazi wesipaza ube ngumsolwa wesibili ecaleni lokubulala uLikhona

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Umnikazi wesitolo wase-Pakistan uboshwe njengomsolwa wesibili ecaleni lokubulala ngesihluku uLikhona Fose (14) eDurban Deep.

Amalungu omphakathi aphange espaza sakhe, aluma indlebe amaphoyisa mayelana nokuxhumana kwakhe nalowo asolwa naye uMduduzi Mnisi.

Umnikazi wesitolo wase-Pakistan uboshiwe njengomsolwa wesibili ecaleni lokubulawa kukaLikhona Fose (14).

Umnikazi wesitolo eDurban Deep uboshwe ngoLwesithathu ebusuku, ngesikhathi asolwa naye uMduduzi Mnisi (39), evele okokuqala eNkantolo yeMantshi yase-Roodepoort ngezinsolo zokubulala ngenhloso lo mfundi wakwa-Grade 8 ekuqaleni kwalolo suku.

NgoLwesithathu ngomhlaka-12 kuNhlangulana, amaphoyisa e-JMPD athunyelwa kule ndawo ngemuva kokuba amalungu omphakathi egebenge ispaza sabasolwa ukuze anqande udlame.

UDkt Mgcini Tshwaku, uMMC waseGoli wezokuphepha komphakathi, uthe umphakathi ubambe elikhulu iqhaza ekuboshweni komnikazi wesitolo wase-Pakistan.

“Silunywe indlebe, kanti nokuphosa imibuzo kuMnisi kanye nomphakathi sikwazile ukuthola ukuxhumana phakathi kukaMnisi nowase-Pakistan,” kusho uTshwaku.

Nokho akwaziwa ukuthi umnikazi wesitolo uzovela nini enkantolo.

“Uhulumeni nabezomthetho bazolwela ukuthi uMnisi nalo wesilisa wase-Pakistan, ongeke adalulwe igama lakhe kuze kube uvela enkantolo, abadedelwa ngebheyili,” usho kanje.

Uqhube wathi uphenyo lusaqhubeka futhi amaphoyisa asebenza kanzima ukuqoqa ubufakazi ukuze babhekane nengalo yomthetho bonke abathintekayo.

“Umphakathi uyacelwa ukuthi wehlise umoya usebenzisane nabomthetho,” kusho uTshwaku.

I-National Prosecuting Authority itshele inkantolo ukuthi ihlela ukusiphikisa isicelo sebheyili sikaMnisi. Uke walahlwa yicala lokuzama ukubulala wadedelwa ngoshwele esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezintathu ezedlule.

“Njengombuso sihlela ukuphikisa ibheyili. Sisaqoqa obunye ubufakazi obuzofakazela ukuthi umsolwa unerekhodi lamacala odlame,” kusho uPhindi Mjonondwane, okhulumela i-NPA e-Gauteng.

Isidumbu sikaFose esinqunyiwe sitholwe endaweni evulekile, emigwaqeni embalwa nje ukusuka kubo ngemuva kokuthi umndeni wakhe ungamtholi.

Osesithombeni esingenhla: ULikhona Fose.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva