Menzi Magubane
USiviwe Mpengesi, ongumnikazi we-Chippa United, useqoke indlela yokukhipha aphinde ashintshe abaqeqeshi kanti manje u-Abram Sello we-Marumo Gallants naye usengene kumjikelezo oqhubekayo wabaphathi.
Ukumiswa kukaGavin Hunt ngoMsombuluko yi-Chippa United njengomqeqeshi wayo akuzange kumangaze. Ukuqala kabi kwe-Chilli Boys kulo mkhankaso ngaphansi kukaHunt kubenze banqoba umdlalo owodwa kuphela, bedlala ngokulingana emine yahlulwa kwemihlanu emidlalweni yabo yokuqala eyishumi.
Ngokunjalo nangoMgqibelo, uSello umemezele umqeqeshi wakhe wesithathu kule sizini uDan Malesela onesipiliyoni. Lena yisizini yokuqala egcwele ku-Gallants selokhu uSello ethenge isikhundla se-Tshakhuma Tsha Madivhandila (i-TTM) Premiership ekuqaleni kwalo nyaka.
Baqale isizini noSebastien Migne, kodwa lo mdlali wase-France wahlala isikhathi esingaphansi kwezinyanga ezimbili ephethe izintambo ngaphambi kokuthi axoshwe.
Uxoshwe ngenyanga edlule ngemuva kokuthi ekhulume kabi nomeluleki weqembu uHarris Choeu. Iqembu lasheshe laletha uRaymond Mdaka ukuze aqondise umkhumbi ongenamaphini ukuze ubuyele endleleni.
Njengoba i-Gallants ibisagijima ku-CAF Confederation Cup ngesikhathi uMigne exoshwa, kwakudingeka athole umuntu onelayisensi ye-CAF. UMdaka bekuyiyona ndlela yabo futhi uselihole iqembu ngokusondela kweyamaqoqo kwindebe ye-Confederation.
Ukudlala kwabo ezweni kumangaze abaningi, kodwa umkhankaso wabo we-DStv Premiership ubheda kakhulu. Emidlalweni yabo yokuqala eyisishiyagalolunye, abazange bawine lutho, badlala ngokulingana emine futhi bahlulwa kahlanu, okubenza kube yilona kuphela iqembu okusamele liwine umdlalo kule sizini.
Ukuzama ukuhlenga iqembu lakhe eseligaqele ukuhlulwa, uSello uqashe uMalesela owayengumqeqeshi we-Chippa. USello akazange anikeze incazelo ngokwenzeka kuMdaka noma ukuthi usekhona yini eqenjini.
UMalesela ngabe uzowenza yini umlingo wakhe ajike izinto kwi-Gallants? Isikhathi kuphela esizosho. Kodwa okunye ukuthi uma ehluleka ukuqhamuka nesixazululo esisheshayo usejwayele ukuthatha isango lokuphuma ku-Chippa.
Udlale izikhathi ezine ku-Chippa phakathi konyaka wezi-2015 no-nyaka wezi-2020. I-Chippa isibe nabaqeqeshi abangama-29 (okuhlanganisa noHunt) kusukela ikhuphukela esigabeni esiphezulu nngonyaka wezi-2012.
Asilinde sibone ukuthi i-Gallants iyi-Chippa elandelayo yini.
Umthombo wesithombe: @ChippaUnited