UMngqithi weSundowns ujabulela ukujaha iPirates embangweni wesicoco sePSL

Lubhalwe nguMichael Madyira

IMamelodi Sundowns isiphenduke abajahi besicoco okokuqala ngqa kusukela ngesizini yango-2019-20 ye-Premier Soccer League.

Yize isizini yamanje isaqala, iSundowns isale ngemuva ngamaphuzu amathathu ku-Orlando Pirates ezihola phambili kwi-log, enerekhodi elingu-100% lokuwina iligi amahlandla ayisithupha kulandelana.

IPieates ifuna isicoco sawo sokuqala seligi elokhu yagcina ukusinqoba ngo-2011-12.

Basabisa ngokuqeda umgqiqgo weSundowns ku-PSL, osekwenze iqembu lase-Tshwane lanqoba izicoco eziyisikhombisa kulandelana.

Ngemuva kokuthi iSundowns izithole ihlulwa iPolokwane City ngempelasonto edlule, iluleme ngesikhathi ihlula iCape Town City ngo 3-0 ngoLwesithathu.

“Ngokwami, ngincamela ukujaha isicoco,” kusho umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi ngemuva komdlalo wabo neCitizens.

“Yingoba sihlezi sinenhloso, futhi amehlo ebelokhu ebheke thina isikhathi eside kakhulu.

“Kodwa uma ulapho, akumele neze wenze iphutha. Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi kuzoba ngcono ukujaha isicoco. “

ISundowns ibilolokhu ingazibekile phansi ekunqobeni isicoco se-PSL kumasizini amane edlule, njengoba ibihlezi iqala ngomdlalo wokuvula lo mqhudelwano.

Lokho kubenze banqoba isicoco seligi  kusasele imidlalo eminingi okumele beyidlale, kanti ngesizini edlule ngesikhathi kuphela iligi bebenamaphuzu angu-23 esicongweni.

ISundowns igcine ukulwela isicoco ngesikhathi iqinisekiswa njengompetha ngosuku lokugcina lwesizini.

IKaizer Chiefs yenza kahle kakhulu kwiligi ihlezi esicongweni, kuze kwaba ukuhlulwa okumangalisayo ngomzuzu wokugcina kwavumela iSundowns ukuthi ibaphuce isicoco ngosuku iCheifs eyayidinga kakhulu iphuzu elilodwa nje kuphela ukuthi ihlwithe isicoco.

Esithombeni esingenhla: U-Evidence Makgopa wePirates ezama ukudlula uThembinkosi Lorch weSundowns.

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva