UMngqithi uxwayisa ngokungazethembi ngaphambi komdlalo ne-Maritzburg

Umqeqeshi uManqoba Mngqithi uxwayise abadlali be-Mamelodi Sundowns ngokungazethembi uma sebebhekene ne-Maritzburg United emdlalweni we-DStv Premiership ngoMgqibelo enkundleni yezemidlalo i-Harry Gwala ngo-20: 15.

I-United ixoshe uEric Tinkler emasontweni amabili edlule ngenxa yemiphumela engemihle yase iqoka uErnst Middendorp wase-German njengomqeqeshi omkhulu.

Leli qembu lisazoqopha ukunqoba kwi-premiership kule sizini futhi  lisekugcineni kwi-log. Bafuna ukunqoba kwaboabo kokuqala kodwa kuzoba umzabalazo ne-Sundowns esefomini.

Ama-Brazillians angena kulo mdlalo njengamanje ephezulu kwi-log kulandela ukunqoba ekhaya emuva kwe-Amazulu ne-Stellenbosch. Banqobe emine badlala ngokulingana kakoodwa emidlalweni yabo emihlanu yeligi. UThemba Zwane ubelokhu ecija i-Downs ngokulinganisa igoli elilodwa emdlalweni ngamunye.

UMngqithi ukholelwa ekutheni i-Maritzburg United ayikwazi ukuvele iphenduke iqembu elibi ngobusuku obubodwa ngemuva kokudala izinkinga emaqenjini amaningi ngesizini edlule. Futhi ukuqokwa kukaErnst Middendorp kuzokwenza i-Maritzburg kube yiqembu okunzima ukulishaya.

“Ngimhlonipha kakhulu uErnst Middendorp. Kungenzeka ukuthi akazuzi lukhulu kodwa ngikholwa wukuthi unguchwepheshe okhaliphile, lokho kuzokwenza i-Maritzburg kube yiqembu elinzima ukudlala nalo,” kusho uMngqithi.

“Basenabadlali abanethonya kusuka ngesizini edlule noDe Reuk emuva, noKeagan Buchanan, uKutumela noAli Meza phambili. Kufanele sizame sijule uma sifuna ukunqoba.”

Uthe iqembu elingezansi livame ukuhlupha iqembu eliphezulu.

“Asifuni ukuba yisibonelo salokho. Sizolinikela ezingeni lethu eliphezulu futhi silwe kahle,” uyasho.

Komunye umdlalo wangoMgqibelo, uTshakhuma Tsha Madzivhandila uzokwamukela i-Amazulu FC enkundleni yezemidlalo i-Thohoyandou ngo-18:00.

Isithombe: @masandawana

Izihloko zakamuva