Umngcwabo omkhulu wabashone kweyasoPhongolo

Lungani Zungu

Abazali bezingane zesikole ezishone engozini yeloli oPhongolo bavalelise izingane zabo okokugcina emngcwabeni wezisulu ezingu-14 kwezingu-20 ngoMgqibelo.

“Kodwa lesi iyisiqalo sohambo olude olunzima lokuthola ukuthula,” kusho umzali uSandisiwe Nkondle etshela i-Scrolla.Africa ngemuva komngcwabo.

“Angikholwa ukuthi indodana yami uLwandle ayisekho. Ngeke kube lula.”

ULwandle ubephakathi kwabantu abangu-20 abashone ngesikhathi iloli lishayisana neveni ebithwele izingane zesikole ngoLwesihlanu olwedlule kwaGodlwayo oPhongolo.

Kule ngozi kushone abantu abadala ababili kanye nezingane zesikole ezingu-18 ezineminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-13.

UBongekile Dlamini uthe ukushona kwendodakazi yakhe uSiyamthanda (9)  kumphule inhliziyo.

“Kuzongithatha isikhathi ukuthi ngamukele ukuthi indodakazi yami ayisekho, konke ngikubeka ezandleni zikaNkulunkulu,” esho.

Abantu abebekhuluma enkundleni yezemidlalo i-Waterbus Sports Ground oPhongolo lapho obekubanjelwe khona inkonzo yomngcwano bakhulume ngemithetho eqinile okumele ibekwe ukunqanda izingozi zomgwaqo ezibandakanya amaloli.

UNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula obehambele umngcwabo kanye noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele uthe uhulumeni uzokhipha izigidi zamarandi ukuze kwakhiwe imigwaqo ephephile.

“Ukushona kwezingane kungishiye ngingenawo amazwi,” usho kanje.

IMeya yaseZululand uMnu Thulasizwe Buthelezi unxuse ukuthi amaloli avunyelwe ukuhamba emigwaqeni ebusuku kuphela.

“Sicela uNgqongqoshe wezokuThutha ukuthi asheshe aqhamuke nesu likazwelonke lokubhekana nala maloli okuhlanganisa nokunqanda ukuhamba kwawo ukuthi kuqale ngehora lesithupha ntambama kugcine ngehora lesithupha ekuseni kuphela.

Umshayeli weloli uSiyabonga Siyaya uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo namhlanje ngamacala amaningi okubulala ngokungenhloso.

NgoLwesine uMbalula wethule umbiko ngale ngozi othole ukuthi uSiyaya ubebudedengu futhi ubeyingozi kakhulu.

Uphenyo lwenziwe i-Road Traffic Management Corporation (RMTC).

Izihloko zakamuva