Umngcwabi oboshelwe ukweba ibhokisi eKZN ungumfundisi!

Celani Sikhakhane

Umngcwabi waseKZN oboshelwe izinsolo zokweba ibhokisi likanokusho ungumfundisi webandla i-AmaJerusalem Church of Zion, okuyisonto elikhulu lase-Zayoni kwaZulu.

Ngemuva kokuboshwa kwakhe, isonto selimumisile kuyona yonke imisebenzi.

Umfundisi ugcinwe esitokisini ngemuva kokuvela kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini ngoMsombuluko. Isicelo sebheyili singomhla zingama-24 kuNhlaba.

UMbhishobhi uMthandeni Dlamuka weSonto AmaJerusalem utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ibandla lihlazekile ngalesi sigameko, esibike ngaso ekuqaleni kwaleli sonto.

“Ukuba nomfundisi oboshelwe ukweba kubi ngokwanele, kodwa ngokweba ibhokisi pho! Bekungangcono ukube uboshelwe ukushaya umuntu,” esho.

“Kumele abhekane nesenzo sakhe yedwa, hhayi nathi njengesonto.”

Umfundisi ungumnikazi weThuba Funeral oLundi.

Ngesonto eledlule uye eCelani Funeral Services eyocela ibhokisi kanye nezinye izinto zomngcwabo kodwa uThoko Masango waseCelani akakwazanga ukumsiza.

Ngosuku olulandelayo, ngesikhathi uMasango efika emahhovisi akhe, wabona ukuthi kugqekeziwe kwatshontshwa ibhokisi kanye nenye imishini.

Waya emaphoyiseni futhi bashesha bazithola izinto ezazintshontshiwe.

UMbhishobhi uDlamuka uthe umsolwa usebe ngumfundisi esontweni cishe iminyaka eyu-15.

“Amagatsha ethu avela e-Gauteng, e-Newcastle, eMnambithi, eThekwini nakwezinye izindawo abelokhu esishayela ucingo ebuza ukuthi ngabe lokhu kuliqiniso noma cha,” kusho umbhishobhi othukuthele.

Izihloko zakamuva