Umngani kaZuma usola uRamaphosa ngokuhlohla iSilo ngezidakamizwa

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Uthuse abaningi usozimayini wakuleli edalula izinsolo zokuthi uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa washushumbisela iSilo uMisuzulu kaZwelithini izidakamizwa ehhotela eQatar ngo-2022 ukuze kuhlekiswe ngaso.

UMnuz Louis Liebenberg ukusho lokhu ngoLwesine ngesikhathi ethula umkhankaso wakhe wokungenela ukhetho ngokuzimela e-Rosebank eGoli.

Uthe wafica iSilo ehhotela sibhuquza izidakamizwa kucaca ukuthi sikhothe ngendlela engajwayelekile.

Uqhube wathi ngaleso sikhathi kwakunowesifazane esasinaye angamazi kodwa kukhona nababesithwebula izithombe sinqunu.

Uma echaza uthi kuleli hhotela kwakukhona noRamaphosa ababingelelana naye maqede wakhuphukela lapho okwakuhleli khona iNdlulamithi yamakhosi uMisuzulu kaZwelithini. 

“Okwenzeka uRamaphosa wayefuna iSilo siyekuNdebe yoMhlaba e-Qatar kodwa uMnuz Jacob Zuma uma engichazela uthi wasikhuza iSilo wathi ngendlela impilo yaso esengcupheni ngayo noNdlunkulu, abangalokothi bahambe. 

“Uthi wabatshela ukuthi kuyingozi ukuya e-Qatar ngoba nabafowabo bafuna ukusisoconga. Ngemuva kwalokho uRamaphosa wasishushumbisa iSilo wayosibeka ehhotela eGoli. Yilaphoke izinto ezonakala khona. Umbuzo uthi yini uRamaphosa ayefuna ukuyizuza ngokufaka iSilo samaZulu izidakamizwa nokuvumela abantu basithwebule izithombe sinqunu?,” kusho uLiebenberg.

Uqhube wathi kusuka iSilo sihambele indebe yomhlaba e-Qatar asiphindanga safana nakuqala.

Lezi zinsolo zishaqise abaningi njengoba uLiebenberg edalule ukuthi kusukela lapho abazange besasondelana neSilo, ekubeni ayesisiza ekhokhela nabasebenzi baso nendawo yokuhlala e-Ballito ngoba uRamaphosa esekhiphe umyalelo wokuba uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa MaDube-Ncube avale imali esinikezwa yona.

Ngo-2022 owayenguNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindangene wakhipha isitatimende ebikela isizwe ukuthi iSilo kungenzeka sihambele e-Qatar emidlalweni yeNdebe yoMhlaba noNdlunkulu waso uNtokozo kaMayisela-Zulu. 

Kwenzeka lokhu nje izinsolo zokungena kwizidakamizwa kweNdlulamithi zikezadalulwa uyise omncane okunguMntwana uMbonisi waseKhwezi emaphepheni aseNkantolo eMgungundlovu ngoLwezi nalapho abevimba khona ukuqokwa kwebhodi leNgonyama Trust.

Ziphinde zadalulwa ngowayenguSihlalo weNgonyama Trust iJaji uJerome Ngwenya enkulumeni eqoshiwe ayenza noMntwana uLondi Ngcamu.

Kukekwabanemibiko yokuthi amaphoyisa abeqapha iNdlulamithi axoshwa ngoba esolwa ngokubeka impilo sayo engozini nokuyinikeza izidakamizwa. Kwabe sekufakwa uphiko lwezokuPhepha oluqapha oMengameli bezwe okuyilo namanje lulophiko oluqapha iSilo.

Nyakenye indodakazi kaMntwana wakwaPhindangene endala, uMntwana uPhumzile waveza ukuthi uyise ubesezama nokuthi iNdlulamithi iyiswe esikhungweni sokuhlunyeleliswa (rehabilitation centre).

Ngesikhathi uNdunankulu kaZulu okunguMfundisi uThulasizwe Buthelezi ethintwa i-Scrolla.Africa eThekwini ngoLwesine uthe akakayiboni le nkulumo.

“Ubani yena lomuntu obenza lezi zinsolo? Ayi bengingakayiboni nenkulumo yakhe,” kusho uButhelezi. 

Kodwa-ke, ngesikhathi esethunyelelwe inkulumo kaLiebenberg ku-Whatsapp ukuze abenisikhathi sokuyiphendula kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphenduli.

Okhulumela uMengameli uCyril Ramaphosa okunguMnuz Vincent Magwenya ugcine naye engayiphendulanga imibuzo athunyelwe yona futhi nocingo ubengaluphenduli.

Izihloko zakamuva