Umngani kaSenzo wayengafuni ukuya kwaKelly ngosuku lwesigameko

Umngani kaSenzo Meyiwa, uMthokozisi Thwala uveze ukuthi wazizwa engakhululekile ngokuvakashela kubo kaKelly Khumalo ngosuku okwashona ngalo isihlabani sebhola.

UThwala wethule ubufakazi eNkantolo eNkulu yasePitoli ngoLwesithathu mayelana nezimo ezithinta ukubulawa kukaMeyiwa emzini kanina wentombi kaSenzo e-Vosloorus.

Uthe wayengakhululekile ngoba ubengumngani kankosikazi kaMeyiwa uMandisa Mkhize kanye noKelly Khumalo.

Umshushisi woMbuso uGeorge Baloyi uhlome uThwala ngemibuzo ngokungaphatheki kahle kwakhe waphendula wathi “ngangiwumngani kaMandisa ngakho akuzange kungiphathe kahle ukuthi ngiye lapho okuhlala khona intombi kaSenzo.

UThwala wagcina evakashele kwaKhumalo ngemuva kokuthi uMeyiwa emqinisekise ukuthi leli kwakuyithuba lokuhlangana nendodakazi uSenzo anayo noKelly.

USenzo Meyiwa wadutshulwa esemzini kanina kaKhumalo ngomhlaka-26 kuMfumfu ngo-2014 esigamekweni okusolwa ukuthi kwakungesokugetshengwa.

Ababekhona endlini ngesikhathi sesigameko uKelly Khumalo, udadewabo omncane uZandile, unina uNtombi Khumalo (uMaKhumalo), uLongwe Twala, abangani bakaMeyiwa uMthokozisi Thwala noTumelo Madlala, indodana kaKelly eyayineminyaka emine ubudala uChristian kanye nendodakazi yakhe noMeyiwa uThingo.

Ngesonto eledlule uColonel Lambertus Steyn wethule ubufakazi bokuthi kunobufakazi bokuthi kwakunokuxhumana ngomakhalekhukhwini phakathi kwabanye abasolwa noKelly Khumalo.

Abasolwa abahlanu nguMuzikawukhulelwa Sibiya, uBongani Ntanzi, uMthobisi Mncube, uMthokoziseni Maphisa kanye noFisokuhle Ntuli.

USteyn uphinde wadalula ukuthi inombolo kaNtuli yayibhaliswe ngokuthi “mfo kaKhumalo ocingweni lukamsolwa uMncube.

Ngaphezu kwalokho
kutholakale izithombe zikaMncube enemiyeko ekhanda. Lokhu kubalulekile njengoba ofakazi baveze ukuthi omunye wezigebengu ubenemiyeko ekhanda ngesikhathi uMeyiwa edutshulwa.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UMthokozisi Thwala noSenzo Meyiwa

Izihloko zakamuva