Zukile Majova
INdlunkulu yakwaZulu ikhala ngokusobala ngemuva kokutshelwa ngoMgqibelo ebusuku ukuthi amaphoyisa azobe ehoxisa uphiko lwe-SAPS VIP Protection Unit esigodlweni saKwaKhangelamankengana.
Lokhu kungenxa yokuthi iSilo Sobukhosi uMisuzulu Zulu kaZwelithini asikabekwa ngokusemthethweni ngumbuso.
UMntwana uMangosuthu Buthelezi, uNdunankulu woMdabu weNgonyama neSizwe samaZulu, ukuqinisekisile lokhu ngoMgqibelo ebusuku ethi abagada iSigodlo bayahamba.
“Ngakho-ke ngeke besakwazi ukuhlinzeka iNgonyama ngezokuphepha. Kuyaqondakala ukuthi labo abasesigodlweni bazohoxa kulobubusuku, kanti labo abahlinzeka ngezokuphepha lapho kuzobekwa khona iSilo sakusihlwa, nabo bazohamba ekuseni.”
UButhelezi obethukuthele uthe lokhu bekungafanele njengoba ukuvikelwa kuhlinzekwa ngokwesidingo hhayi ngesimo.
“Yize kunobungozi obucacile nobukhona manje, ngiyaziswa ukuthi uBrigadier ophethe wabavikeli be-SAPS abasebenza eSigodlweni usekuqinisekisile ku-Advocate Mshololo, naye obekhona esigodlweni, ukuthi bayalelwe ukuthi bahoxe. INdlunkulu yakwaZulu kanye neNdlunkulu yamaSwati bashaqekile ngalesi sigameko esenzeke kungazelelwe.”
Inkosi entsha kudingeke ukuthi ihanjiswe ngendiza ngaphansi kwesivikelo esinzima samaphoyisa ngoLwesihlanu ngemuva kokufundwa kwefa likanina.
NgeSonto, ngemuva kokuba umndeni wasebukhosini ukhononde ngokuphepha kwawo, amaphoyisa athi kusezingeni elifanayo lomsebenzi. Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vish Naidoo uthe iqembu eliningi lamaphoyisa ebelikhona esigodlweni ngesonto eledlule beliqhamuka kolunhe uphiko lakwa-SAPS futhi alethwe emngcwabeni weNdlovukazi uMantfombi.
“Okusele manje abezokuphepha bendlu yoBukhosi. Yilolo phiko oluhlala lukhona njalo yilolo phiko olwaluvikele iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini.
“Ngokuzayo, kungenzeka abe maningi amaphoyisa afake umfaniswano noma cha, kuya ngokuhlolwa kwesongo okubuyekezwa njalo.”
Intatheli yethu ebisesigodlweni KwaKhangelamankengana ngempelasonto ithe wonke amanye amaphoyisa ahoxisiwe ngaphandle kwezikhulu ezinhlanu ebezigqoke umfaniswano.