Lubhalwe nguLungani Zungu
Umndeni wenkosi ebulewe uZwelakhe Ndaba ukholelwa ukuthi ukubulawa kwakhe itulo elakhiwe izitha zakhe.
UNdaba waseNtabamhlophe kuMasipala iNkosi Langalibalele ngaphansi kwesifunda sasoThukela ubulawe izinkabi ngoLwesihlanu elele emzini wakhe ose-Estcourt.
“Uma umuntu ebheka indlela okwenzeke ngayo, kuyacaca ukuthi lento itulo elakhiwe izitha zakhe zalapha eNtabamhlophe. Okubuhlungu ukuthi sisaqhubeka nokubulalana kanje singabantu abamnyama. Kuyadabukisa lokhu,” kusho umshana kaNdaba uThulani Ndaba.
UThulani uthe kuyinto esobala ukuthi kukhona abantu — angadalulanga amagama wabo — abebefuna uNdaba efile.
Kodwa-ke, akathandanga ukukhuluma kakhulu ngalokhu, wathi: “Kungcono siyekele konke emaphoyiseni ukuthi aphenye. Sizothanda nokunikwa indawo ukuze silungiselele umngcwabo wakhe.”
Ngo-2021, inkosi yayibambene ngezihluthu nezinduna eziyisikhombisa ezingaphansi kwayo. Udaba lwalumayelana ninkohlakalo yemali engaphezulu kuka-R800 000 okuthiwa ihlobene nezinduna.
Kusolakala ukuthi izinduna eziyisikhombisa zeba imali yomkhandlu wendabuko okufanele ngabe isetshenziselwe ukuthuthukisa umphakathi. Kodwa esikhundleni salokho kuthiwa zayifaka emaphaketheni wazo.
Kwashuba izinto phakathi kwenkosi nezinduna kangangokuthi komunye umhlangano wesigungu samakhosi izinduna zanqatshelwa ukungena.
Yonke imizamo yokulungisa ubudlelwano phakathi kwezinhlangothi ezilwayo yaba yize, ngokusho komthombo walo mkhandlu.
“Sizame konke ebesingakwenza. Kodwa yonke imizamo yethu ayizange iphumelele. Kusukela ngaleso sikhathi isimo sashuba kakhulu,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.
Kulindeleke ukuthi kuqale umjaho wozohlala esihlalweni ozovala isikhala sikaNdaba.
Bangaphezu kuka-50 abaholi bendabuko asebebulewe KwaZulu-Natal kusukela ngo-2019.
Sekuyiminyaka eminingi inhlangano emele abaholi bendabuko Ubumbano Lwezinduna inxusa uhulumeni ukuthi akubeke eqhulwini ukuphepha kwabaholi bendabuko njengoba ukubulawa kwabantu kuqhubeka.
UNkosazana Dlamini-Zuma, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, utuse uNdaba.
“Njengomholi wabantu bakhe uhole ngenkuthalo nangozwelo futhi wasebenzisa ubuhlakani obudlulile kubo bonke athinta izimpilo zabo endaweni yangakubo,” kusho uDlamini-Zuma esitatimendeni.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisekisile isigameko athi bekungakaboshwa muntu.
Esithombeni esingenhla: Umasipala wendawo Inkosi Langalibalele
Umthombo wesithombe: Facebook