Umndeni wekhansela le-IFP uthi ukubulawa kwakhe bekuhlobene nezepolitiki

Lungani Zungu

Umndeni wekhansela le-IFP ebeliphethe isikhundla se-PR eqenjini uMnuz Robert Mdletshe, ukholelwa ekutheni ukubulawa kwakhe bekuhlobene nezepolitiki.

UMdletshe oneminyaka engama-71, waseMandeni, eKZN udutshulwe wabulawa enxanxatheleni yezitolo kwa-Spar ngoLwesihlanu olwedlule.

Umfowabo uDavid uthe, uMdletshe ubengenazo izitha.

“Esingakucabanga nje ukuthi ukubulawa kwakhe bekuhlobene nezepolitiki,” kusho uDavid.

UMdletshe kuthiwa udutshulwe ngamadoda amathathu washonela endaweni yesehlakalo ngaphakathi emotweni yakhe.

UDavid uthe, umfowabo ubethandwa yisigodi sonke sangakubo.

“Ubengasizi umndeni wethu kuphela kodwa ubewusizo nakuwo wonke umphakathi,” esho.

“Ngiphuza amanzi kuphela selokhu ashona. Selokhu kwenzeka lokhu angikaze ngidle.”

Uthe, izingane zikaMdletshe eziyishumi bezilokhu zikhala zingaqedi ngobaba wazo.

“Abakholelwa ukuthi ubaba wabo akasekho emhlabeni. Bayamkhumbula kakhulu. Ubezithanda izingane zakhe futhi nazo bezimthanda.”

Uthe, ufuna ukubona ababulali bekhokhela izinhlungu abazidalile.

“Bantshontshe umuntu obebambe umndeni kanye nomphakathi ndawonye,” esho.

I-IFP ithe iqembu lilahlekelwe ngumholi ohlale njalo enenhloso yokusebenzela umphakathi.

“Siyasigxeka lesi senzo esinyantisa umzimba futhi siyazi ukuthi kunezigameko eziningi zokubulawa kwamakhansela njengoba sisondela okhethweni,” kusho isitatimende.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Jay Naicker uthe, kuphenywa icala lokubulala.

“Abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngemoto yabo etholwe ishiywe endaweni yase-Mangethe. Uphenyo luveze ukuthi imoto yebiwe e-Bellair. Udaba lusaphenywa.”

UMdletshe uzofihlwa ngeSonto eMandeni.

Izihloko zakamuva