Umndeni wakwaTembe uphika eyokubandakanyeka ekubulaweni kuka-AKA 

Lubhalwe nguZukile Majova

UMoses Tembe onguyise wowayeyingoduso kaKiernan AKA Forbes, u-Anele Tembe ongasekho usezichithile izinsolo zokusolwa komndeni ngokubulawa kwalo mculi.

“Kuyakhathaza kakhulu ukuthi mina nomndeni wami kudingeke ukuthi sibekezelele inqwaba yemibhalo ezinkundleni zokuxhumana esola mina kanye namalungu omndeni wami ngokuba nesandla ekubulaweni kukaKiernan AKA Forbes,” esho lokhu kwisitatimende ngoLwesine.

Lesi sihlabani esihlomule ngezindondo eziningi sidutshulwe ngaphandle kwase-Wish Restaurant emgwaqeni u-Florida eThekwini, e- Morningside mhla ziyishumi kuNhlolanja.

Abalandeli abasola umndeni wakwaTembe mayelana naleli cala baveza ukuthi lo mndeni ubusaqhubeka nokusola uSupa Mega (AKA) ngokuba nesandla ekushoneni kwendodakazi yabo u-Anele.

Ngo-2021, u-Anele wawa esuka phezulu ku-10 floor ehhotela laseKapa, kwasolwa ukuthi uzibulele.

Ubudlelwano bakhe no-AKA bavezwa esidlangalaleni njengobunodlame ngezinye izikhathi, namavidiyo akhombisa lolu dlame asabalala ezinkundleni zokuxhumana.

UTembe Snr uthe umndeni wakhe ubuhlungu ngokudlula emhlabeni kuka-AKA.

“Ngilibeka ngembaba elokuthi umndeni wami uyabuzwa ubuhlungu bomndeni wakwaForbes futhi awusoze wabandakanyeka esenzweni esinjengalolu hlobo.

“Ngemuva kokubhekana nenhlekelele yokushona kwendodakazi yethu kungakabi isikhathi, lokhu okwenzeke ku-AKA kusizwise ubuhlungu kakhulu.”

Nokho akubona abalandeli kuphela abaveza ngokushona kuka-Anele: I-Scrolla.Africa ibike kuleli sonto ukuthi amaphoyisa aseKZN abebuyekeza udaba lokushona kwakhe.

UKhomishana wamaphoyisa uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe: “Siyazi ngesigameko esenzeka eKapa. Selokhu kwenzeka lesi sigameko, ingxenye yophenyo lwethu ukuthola zonke izitha zika-AKA.

“Isigameko saseKapa kungenzeka ukuthi sacasula abantu abathile abamsola ngokuba imbangela yokushona kuka-Anele.

“Ngakho-ke, leli cala sizolicubungula ngobuchule sibheke konke obekungaba imbangela yokubulawa kwakhe.”

Inkonzo yesikhumbuzo ka-AKA izoba ngoLwesihlanu ntambama e-Sandton Convention Centre futhi izosakazwa bukhoma ekhasini le-YouTube elithi AKAWorldwide.

Osesithombeni esingenhla: UMoses Tembe

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva