Umndeni wakwaStuurman uzuza isikhumulo sezindiza kodwa ulahlekelwe yindodana

Joseph Chirume

Ukudutshulwa kubulawe uClyde Stuurman wase-Jeffreys Bay, e-Eastern Cape kunciphise isimo sokubungaza phakathi kwenzalo eqondile yeNduna uDawid Stuurman.

Lesi sigameko sokudubula senzeke ngesikhathi isikhumulo sezindiza i-Port Elizabeth sisendleleni yokuqanjwa kabusha ngegama likaStuurman, ukhokho omkhulu kamufi uClyde.

UDawid Stuurman wayeyinduna yama-Khoi eyalwa nombuso wamakoloni waseDashi nowaseBrithani phakathi konyaka wezi-1799 nowezi-1819.

Lowo osolwa ngokubulala, uDonovan Wolf, naye wase-Wavecrest e-Jeffreys Bay, uvele eNkantolo yeMantshi yase-Humansdorp ngoLwesithathu wafaka isicelo sebheyili.

Uthe lokhu ukwenze ngoba ezivikela.

Ngokwencwadi efungelwe ethunyelwe enkantolo, uStuurman, oneminyaka engama-26, utshele udadewabo omdala, uLucretia, ngezisongo azithola kumuntu owaziwayo mhla ziyi-18 kuMasingana.

UWolf, ngommeli wakhe, u-Alwyn Griebenow, utshele imantshi u-Una Rhodes ukuthi ngobusuku besigameko sokudutshulwa kubulawe, umkakhe, uJodi wethuka kakhulu ebona isenzo esisolisayo ngasekhaya labo.

Le ncwadi efungelwe ithi uWolf uthathe isibhamu sakhe waya phandle ukuyobheka ukuthi kwenzakalani. Wabheka phezu kodonga wabona umuntu ehamba endaweni evulekile.

UWolf kuthiwa ufike kule ndawo ephethe isibhamu sakhe.

Uthe uWolf wahlangana ubuso nobuso nommese ophethwe uStuurman.

Umzala kamufi, uNicklaas Draai usiphikisile isitatimende sikaWolf wathi wayethembise ukumbulala phambilini.

“UClyde ubengumuntu obethandwa umphakathi wonke wase-Wavecrest. Yingakho izinkundla zokuxhumana zigcwele abantu abathukuthele abangajabule.

“UClyde ubengeke alimaze ngisho nempukane. Umama kaClyde udlule emhlabeni ngoZibandlela futhi besisamlilele. Sifuna kwenziwe ubulungiswa.”

Izihloko zakamuva