Elmon Tshikhudo
Ngemuva kweminyaka eyisithupha abulawa, uMavis Mathebula oqhamuka e-Shigalo ngaphandle kwaseMalamulele esifundazweni sase-Limpopo ekugcineni uzonikwa umngcwabo ofanelekile.
Ngesikhathi kunyamalele uMathebula ngowezi-2015 owayehlekisana naye wathi uthole umsebenzi okude nasekhaya lakhe.
Ngemuva kokuhamba kweminyaka, umndeni waqale wasola ukuthi khona okungahambi kahle bahamba bayovula icala lomuntu olahlekile emaphoyiseni. Umndeni ubungazi ukuthi uMathebula obeneminyaka engama-39 enezingane ezintathu wayeseshonile engcwatshwe eduze nomfula.
Kwathi ngonyaka wezi-2019 yilapho umndeni wakhe owathola khona ukuthi wabulawa isoka lakhe ngokuhamba kwesikhathi lagcina lihambile namaphoyisa liyokhomba ukuthi wamgqiba kuphi.
Umzimba wambiwa kwaphoqeleka ukube uthathwe ukuze kwenziwe ulibofuzo ngowezi-2019, kanti imiphumela iphume ngoLwesibili. Umndeni wakhe usulungiselela ukumngcwaba.
Umalumekazi kaMathebula, uNancy Mathebula uthe umndeni ujabulile ngoba usuzokwazi ukuxola ezinhlizweni.
“Sesidlule kokuningi nasezinhlungwini. Okokuqala ukulahleka kwakhe okwakungaqondakali kanye namanga aqanjwa isoka lakhe. Okunye ubuhlungu bokulinda isidumbu sisahlolwa ngaphambi kokuba sinikezwe sona” kusho uNancy.
UNancy utshele i-Scrolla.Africa ukuth umama kaMavis akakwazanga ukubhekana nobuhlungu washona ngaphambi kokuba azi iqiniso ukuze angcwabe ingane yakhe ngesizotha.
“Siwumndeni ohluphekile futhi asazi sizohlanganisa kanjani ukumnika umngcwabo ohloniphekile” kusho uMalumekazi .
UNancy uthe isabahlupha le ndaba yokungazi ukuthi uMavis washona kanjani, kodwa bayajabula ngoba basitholile isidumbu sakhe. Bazomngcwaba ngoMgqibelo.