Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izakhamuzi zifice umuzi womndeni ungakhiyiwe nezingubo zigcwele phansi kanti amakhalekhukhwini uma befonelwa angena ngqo ku-voicemail.
Izisulu zihlanganisa ingane enezinyanga ezintathu nje kuphela, kanye neneminyaka emine neneminyaka emithathu ubudala.
Uhlalele ovalweni umphakathi waseKapa ngemuva kokuthunjwa kwamalungu ayisikhombisa omndeni owodwa emzini wawo eKhayelitsha.
Izisulu zonke zingamalungu omndeni wakwaMbewu. Zithathwe emzini osesigcemeni se-SST, Town Two, ngoLwesithathu ebusuku.
Abadukile ngoBoniwe (27) Nomazotsho (25), Linda no-Anita, bobabili abaneminyaka engu-19, uThando (4) uLikhwezi (3) no-Akhokuhle onezinyanga ezintathu.
Umakhelwane okhulume neScrollla.Africa uthe elinye isoka lezisulu libuye emsebenzini walo ebusuku ngoLwesine labona isango livuliwe. Nomnyango ubungakhiyiwe.
“Kuthe uma engena endlini, wabona izingubo zigcwele indlu yonke, kulapho abona khona ukuthi kukhona okungahambi kahle,” kusho isakhamuzi.
Umphakathi uphinde washaqeka lapho uthola ukuthi umabonakude kanye ne-sound system akukho.
“Kuyaqala ngqa ukwenzeka into efana nalena lapha. Sesijwayele ukuthi izigebengu zigebenga abantu imali yesitokofela ngalesi sikhathi sonyaka kodwa akuwona wonke umndeni onyamalalayo,” kusho esinye isakhamuzi.
Uqhube wathi kwezinye izimo izigebengu ziphoqa abantu ukuthi bakhiphe imali emabhange kodwa lesi simo sihlukile.
“Akukho lutho obekusangenile kubathumbi. Kuyadida. Bazifinzani izingane? Ubani ongenza into enje?”
Okhulumela amaphoyisa eWestern Cape South African Police Service uSergeant Wesley Twigg uthe isiteshi samaphoyisa saseMakhaza sivule icala labantu abadukile. Uphenyo lusaqhubeka.
Esithombeni esingenhla: Amalungu omndeni ayisikhombisa aseTown Two elokishini laseKhayelitsha, eKapa okusolwa ukuthi athunjiwe.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
