Umndeni uthukile ngemuva kokuthi umama eqambe ingane yakhe uLucifer?

Arthur Greene

Owesifazane usanda kubhala ezinkundleni zokuxhumana efuna izeluleko ngemuva kokuthi udadewabo okhulelwe emtshele igama elixakile abelikhethele ingane yakhe yomfana.

Ufuna ukuqamba ingane yakhe engakazalwa ngoLucifer!

Isimemezelo emhlanganweni womndeni obizwe ngumama siphele ngesikhathi umndeni wenqaba leli gama.

Izihlobo zakhe zimnxuse ukuba alibhekisise leli gama, ngoba lokho kungamdalela “iminyaka yokuhlukumezeka nokudideka ngokwenkolo.”

Ebhala lolu daba ku-Reddit, lo wesifazane ubhale wathi: “Udadewethu oneminyaka engama-25 ubudala unezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe ingane yomfana. Umndeni wonke ujabule kakhulu ngalokho futhi asikwazi ukulinda ukuhlangana nendodana yakhe.”

Uqhube wathi, “Kuphenduke injabulo enkulu phakathi kwethu kwazise uyiselamani sokuqala ukuba nengane futhi sonke simnikeze iziphakamiso zamagama eziningi ahlonipha uNkulunkulu, ngakho-ke uthathe isinqumo sokufona ngevidiyo ukuze amemezele igama.

“Ukhethe igama elithi Lucifer.”

Impela, umama unqume ukuqamba ingane yakhe eyizibulo ngegama likasathane uqobo.

Kuvele ukuthi uthole icebo kumdlalo wakhe awuthandayo kumabonakude, i-Supernatural, enomlingisi obizwa ngoLucifer.

Lo mbukiso ulandela izelamani ezimbili, uSam noDean Winchester, njengoba belandela ezinyathelweni zikayise bezingela izilwane ezisabisayo. USam noDean bekungaba amagama amabili afanelekayo ukuqamba umntwana womfana.

ULucifer odlalwa nguMark Pellegrino, uyisilwane esisabekayo.

Ngebhadi, umndeni wowesifazane awuzange uhlabeke umxhwele ngegama lengane.

“Ocingweni kuvele kwathuleka imizuzu embalwa kwathi omunye wabafowethu wambuza ukuthi ngabe lokho bekuyihlaya yini, wavele wathukuthela wavala ucingo,” kubhala udadewabo.

Okuhlasimulise umzimba nokho, bekunguyise wengane, okusobala ukuthi “wadideka waganu unwabu wakhetha nokuhamba ngesikhathi bemtshela igama, ngakho-ke lo mama useyedwa” … mhlawumbe ubaba wengane akayena nje umlandeli omkhulu we-Supernatural?

Uma sizwa, kuthiwa labo dade ababili abakaze bakhulumisane selokhu kwaba umhlangano ocingweni, ngakho-ke angeke sazi ukuthi ngabe umama ugcine ekhethe lona ngempela.

Scrolla World Cup Quiz