Umndeni uthi liphume nobomvu umsolwa ezibulala  

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umndeni wenye yamantombazane amabili okusolakala ukuthi abulawe isoka lawo uthi ukushona kwaleli soka kubenze bathola ukuthula ezinhlizweni zabo. 

UConstable Mlungisi Sikhakhane (23) kukholakala ukuthi uzibulele ngoMgqibelo ejele lase-Westville ngokuzilengisa esitokisini sakhe.

Ubebhekene namacala amabili okubulala ngemuva kwezinsolo zokubulala izintombi zakhe ezimbili u-Enhle Majozi (18) , noSthembile Ngobese (23) ngoMfumfu kulo nyaka.

Laba besifazane abasebasha babulawa ngosuku olulodwa.

Ubabekazi kaMajozi, uPrecious Ndwalane utshele i-Scrolla. Africa ngoLwesibili ukuthi nakuba bengakugubhi ukushona komuntu, kodwa ukuzibulala kukaSikhakhane kuzobenza bathole ukuthula ezinhlizweni zabo.

“Bekubuhlungu kakhulu ukuhlala njalo sithamele icala eNkantolo sibhekane nomsolwa obehlale ezikhukhumeza,” kusho uNdwalane.

UNdwalane uthe noma ngabe isiphi isikhathi agwetshwa ngaso, kodwa umndeni ubuhlale ukhathazekile ngokuthi uSikhakhane angase adonse isikhathi sakhe, kodwa aphinde adedelwe aqhubeke nempilo sengathi akwenzekanga lutho.

“Besihlale sinomuzwa wokuthi noma ethole isigwebo eside noma cha, ngeke kusibuyisele indodakazi yethu futhi ngelinye ilanga ubezophuma aqhubeke nempilo njengenjwayelo.

“Sibona sengathi ukuzibulala kwakhe kusenze savaleka kakhulu isilonda ebesinaso njengomndeni njengoba ubengazimisele ukukhuluma iqiniso ngokuthi kungani ebulale indodakazi yethu,” kwengeza uNdwalane.

USikhakhane ugcine ukuhambela icala lakhe ngomhlaka-14 kuZibandlela eNkantolo yeMantshi yase-Pinetown, entshonalanga yeTheku, KwaZulu-Natal.

Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnu Singabakho Nxumalo uthembise ukuphendula imibuzo ye-Scrolla.Africa mayelana nemininingwane yokuzibulala kukaSikhakhane. UNxumalo ubengakaphenduli ngoLwesibili ntambama.

Isithombe esingenhla: Ngesika-Enhle Majozi

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva