Everson Luhanga
Ngesikhathi umndeni kaZama Maphisa ugcina ukumbona kwakusekhaya labo e-Alexandra ngomhlaka-29 kuMandulo 2021. Ngalolo suku ekuseni, isoka lakhe uLefadi Chego wacela ukuba baye e-Mpumalanga bayodla isidlo sasekuseni. Kodwa uZama akabange esabuya.
Udadewabo uTracy Sithole kamuva watshela i-Scrolla.Africa ukuthi uChego wavuma icala lokubulala wabe eseyisa amaphoyisa lapho alahla khona isidumbu sakhe ngomhlaka-14 kuLwezi.
Manje, ngemuva kwezinyanga ezinhlanu eshonile, umndeni kaZama wenelisekile ngokuthi ekugcineni uzonikeza indodakazi yawo umngcwabo ohloniphekile.
NgoLwesithathu, amathambo kaZama abuyiselwe ekhaya e-Alexandra ngemuva kokuhlolwa kolibofuzo okuqinisekisa ukuthi izicubu ezitholwe ehlathini e-Mpumalanga ngezakhe ngempela.
UTracy uthe uyabonga ngokuthi isikhathi eside sokulinda ukumbona esekhaya sesiphelile.
“Umndeni unemizwa ehlukene,” kusho uTracy.
“Siphatheke kabi kakhulu ukuthi lomuntu uZama ayecabanga ukuthi isithandwa sempilo yakhe esizomvikela isona esimbulele.
Waya naye e-Mpumalanga ngoba emthanda. Angicabangi ukuthi wake wacabanga ukuthi angamlimaza kodwa wayengazi,” kusho uTracy.
UTracy uthe ngaphandle kobuhlungu bokushonelwa uZama, umndeni unezinselelo ezinzima zokuthola imali yokuya e-Mpumalanga uma umsolwa evela eNkantolo yeMantshi yaKwaMhlanga.
“Umama kaZama uhlala KwaNongoma, KwaZulu-Natali kanti abanye bethu bahlala e-Alexandra, eGoli. Akuwona wonke umuntu osebenzayo futhi ukuqoqa imali yokuya e-Mpumalanga kusifakela ingcindezi enkulu,” kuchaza uTracy.
Umzala kaZama uDocus Ngidi uthe umndeni uzizwa uphephile njengoba uChego evalelwe esitokisini.
“Siyajabula ukuthi izicelo zakhe zebheyili zinqatshiwe,” kusho uDocus.
Ngesikhathi leli cala libuyela enkantolo ngeledlule, ummeli kaChego walichitha ngaphambi kokuthi kuqale ukuqulwa kwamacala.
“Ummeli wesifazane utshele inkantolo ukuthi ngeke akwazi ukuqhubeka necala wabe esephuma enkantolo. Izimantshi zaphendula ngokuthi: ‘Nibe nempelasonto emnandi.”
NgoLwesithathu ebusuku, izishoshovu ezigxile ebulilini e-Alexandra zenze inkonzo yesikhumbuzo sikaZama.
Le nkonzo ibihanjelwe izikhulu zehhovisi likaNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi, uFaith Mazibuko, izikhulu zamaphoyisa ase-Alexandra, isithangami samaphoyisa omphakathi, nomphakathi wonkana.
UZama uzofihlwa KwaNongoma, KwaZulu-Natali, ngoMgqibelo.
UChego uzovela enkantolo ngomhlaka-11 kuNhlalanja.