Lungani Zungu
Abantu baseNkandla sebelahle ithemba lokuthola isidumbu sikaHlomisimpi Magwaza nomzukulu wakhe uLwandle abaminza nyakenye bezama ukuwela uThukela bedlula e-Middledrift Bridge.
Umndeni wakwaMagwaza usugxile ekuvikeleni abantu abaningi ukuthi bagwilize uma besebenzisa ibhuloho elingakhiwe kahle elixhumanisa iNkandla nedolobha elingumakhelwane i-Kranskop.
Elandisa ngesigameko esenzeka ngoNhlolanja nyakenye indodana kaMagwaza, uThubelihle ithe uyise wayelibangise e-Kranskop ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele.
Uthe uyise obeneminyaka engu-62 wawela emanzini ngesikhathi ezama ukuhlenga umzukulu wakhe uLwandle obeneminyaka eyisishiyagalolunye owayemuka namanzi.
“Asisoze saphola kulokhu. Sesikuyekile ukufuna isidumbu sikababa nesomshana wami,” etshela i-Scrolla.Africa.
Lesi sigameko senzeka phambi kwezakhamuzi ezazama ukuhlenga abakwaMagwaza, kodwa zehluleka.
UThubelihle uthe bahlanu abantu asebeminze ngesikhathi bewela ibhuloho kusukela laqala ukwakhiwa ngo-1996.
Leli bhuloho lakhiwe ngokhonkolo futhi alinawo ama-railing emaceleni ukuze abantu bangakhukhuleki emfuleni uma kunetha imvula enamandla.
Abasebenzi kanye nezingane zesikole baphoqeleka ukuthi bahlale emakhaya uma umfula ugcwele.
“Sifuna ibhuloho lithuthukiswe ukuze siphephe futhi abantu bakwazi ukuwela. Baningi abantu abazofa uma lokhu kungenziwa,” kuxwayisa uThubelihle.
UThubelihle uthe bebengeke bakwazi ukwenza umngcwabo ofanele wabathandekayo babo ngaphandle kwezidumbu zabo. “Senza isiko lokwazisa amadlozi kuphela ngokudlula kwabo.”
Inkosi uBhekumuzi Zuma yakwaNxamalala itshele i-Scrolla.Africa ukuthi izicelo zabo eziphindaphindiwe zokuthi leli bhuloho lithuthukiswe azikaphendulwa.
“Sesihlale iminyaka eminingi sinxusa uhulumeni ukuthi alilungise leli bhuloho, kodwa akukho okwenzekayo. Siyaphinda siyabanxusa ukuthi balilungise lelo bhuloho. Ngaphandle kwalokho kuzoshona abantu abaningi.”
UMnuz Mgcobeni Khanyile okhulumela uMasipala waseNkandla uthe udaba sebeludlulisele kuhulumeni wesifundazwe. “Lelo bhuloho lingaphansi kukahulumeni wesifundazwe.”