Umndeni usola umtholampilo ngokushona kwendodana yawo

Doreen Mokgolo

Umndeni wakwaShai usola umtholampilo wangakubo ngokushona kwendodana yawo uTshegofatso onezinyanga ezine ngemuva kokuthi abahlengikazi behluleke ukumsiza ngenxa yokucishwa kukagesi.

UTshegofatso uhlaselwe ukugula esenkulisa ngoLwesine ntambama wabe esephuthunyiswa emtholampilo kamasipala i-Tokoza-Dresser Municipal Clinic eGoli ukuze athole ukwelashwa.

Ngesikhathi befika emtholampilo, le ndawo ibisesigabeni sokucishwa kukagesi futhi ibisebenza ngaphandle kwanoma yiluphi uhlobo lokuphakelwa kukagesi ngoba ijeneretha yokusekela umtholampilo ibingasebenzi.

Abahlengikazi abakwazanga ukusiza ingane kwathi ngemuva kwehora efikile emtholampilo, abezimo eziphuthumayo baqinisekisa ukuthi uTshegofatso ushonile.

Uyise obekhungathekile, u-Abel Shai, uthe umhlengikazi obesiza indodana yakhe umtshele ukuthi ngeke bakwazi ukwenza lutho kuTshegofatso ngoba ugesi awukho ngenxa yokucishwa kukagesi.

“Ngisikhathi ngibuza ngejeneretha yabo ngoba ngiyazi ukuthi banayo umhlengikazi ungitshele ukuthi ibingasebenzi kusukela ekuseni.

“Inhliziyo yami ibe buhlungu futhi ngizizwe ngehlulekile,” esho.

Ubaba wengane uthe ufuna izimpendulo emtholampilo nokuthi abaphathi bathwale icala.

“Indodana yami ayizange inikezwe ithuba elanele lokuthi ilwele impilo yayo. Ukube umshini wokuphehla ugesi ubusebenza noma ubulungisiwe ekuseni, ngabe indodana yami isindile.

“Ngizothathela umtholampilo izinyathelo zomthetho,” engeza.

Okhulumela uMkhandlu wase-Ekurhuleni, uZweli Dlamini, uthe uphenyo lwabo lokuqala lukhomba ukuthi ingane ishone ingakafiki emtholampilo.

Uphinde waqinisekisa ukuthi ijeneretha ibingasebenzi ngalolu suku kodwa abakwazi ukusola ukushona kwengane ngalokhu.

“Yonke imishini ebingasetshenziswa ukuvusa ingane isetshenziswa ngama-battery futhi ibingadingi ukuthi i-generator isebenze,” esho.

Izihloko zakamuva