Umndeni usale ungenakhaya ngemuva kokuba indodana yabo ishise umuzi

Doreen Mokgolo

Utshele umawakhe ukuthi udinga imali yokugibela aye kwinhlolokhono ngoLwesithathu, kodwa akazange amukholwe.

Ngemuva kokuba umama ohlala kwaThema endaweni yase-Ekurhuleni enqabe ukunikeza indodana yakhe imali, ivele yadinwa yamusabisa ngokuthi izomfundisa isifundo.

NgoLwesine ntambama yakwenza lokhu eyamusabisa ngakho yashisa umuzi womndeni.

Ubefuna ukuthatha izingane zakubo ezineminyaka eyisishiyagalolunye enye ineminyaka eyisithupha, kodwa ogada izingane wanqaba. Ngemuva kokuba enqabile kudlule imizuzu emibalwa kwafika umubiko wokuthi umuzi uyasha.

Ugogo wakhe uJoyce Mngoma uthe bake basola ukuthi lo mfana oneminyaka engama-24 usebenzisa izidakamizwa.

Umndeni ubuhlezi uhlalele ovalweni selokhu kwaqala unyaka, ungumuntu onolaka kusho ugogo wakhe.

Ekuqaleni kwalonyaka washaya umawakhe wamuhudula phansi phambi komakhelwane begcwele bebuka.

Ngemuva kokuba aboshelwe ukuhlasela, umawakhe wafaka isicelo se-protection order kwathi uma ekhishwa wahamba wayohlala nogogo wakhe kodwa wamuxosha ezinyangeni ezimbili, ugogo wayekhala ngokuthi akahloniphi.

Ezinyangeni ezimbili ezidlule ngenkathi kuqala ukubanda wancenga umawakhe ukuba amuvumele abuye endlini.

Imina engancenga ingane yami ukuthi imubuyise ekhaya, kodwa ngiyazisola ngaleso sinqumo kusho ugogo.

Akazisoli nakancane uvele wasihleka wathi sizofunda ukumhlonipha.

Ugogo uthe bekuzobangcono ukuba umzukulu wakhe ufile.

Ngisaba ukuthi umuzi wami nawo angawushisa abulale ingane yami kusho ugogo wakhe.

Uvele adinwe uma izinto zingahambi ngendlela yakhe futhi akafuni nokusebenza. Waphuma ekolishi wahamba wayosebenza inyanga eyodwa ngemuva kokuba bamuholele wabaleka.

Izihloko zakamuva