Lungani Zungu
USimo Khuzwayo ushone ekhaya ngoLwesithathu olwedlule ngehora le-9: 00 – kodwa ngeshwa ushone ngesikhathi esibi.
Ngenxa yemibhikisho ebiseKZN nase-Gauteng, kuvinjwe imigwaqo eminingi, okubalwa naseMlazi lapho okuhlala khona umndeni wakwaKhuzwayo. Ukuphumela ngaphandle nakho bekuyingozi.
Umndeni uphoqeleke ukuba uhlale nesidumbu sikaSimo kuze kube ngakusasa ngehora le-11 ekuseni – okuyilapho abangcwabi abafike khona balanda isidumbu.
Ubabekazi kaSimo ukhumbule ubunzima bokubona isidumbu somshana wakhe simbozwe ngeshidi elimhlophe, silele embhedeni owodwa lapho ayesanda kuphefumula khona okokugcina.
“Sihlale nesidumbu endlini eyodwa isikhathi esingaphezu kwamahora angama-24. Asizange silale. Lesi bekuyisigigaba esibuhlungu kakhulu empilweni yami yonke,” kusho yena.
“USimo waqala ukugula ngoMasingana, futhi impilo yakhe ibibuthakathaka kusukela lapho. Kodwa besingalindele ukuthi uzoshona ngalesi sikhathi izwe libhekene nenkinga engaka.”
Umndeni awubasolanga abangcwabi kodwa usole ababhikishi nezigebengu abavimbe imigwaqo bashisa nezakhiwo.
“Ukube abakaze becekele phansi izwe, ngabe asidlulanga ebuhlungwini obunje.”
USimo uzofihlwa ngeSonto.
UMnuz Thabo Msomi we-Ubuhle Bethu Funeral Services uthe eminye imindeni eminingi ibhekane nobunzima obufanayo futhi ibinenkinga yokuthi izihlobo zayo azilandwa.
“Akukuhle ukuhlala egumbini elilodwa nomuntu oseshonile ngisho imizuzu emibili. Kuba buhlungu kakhulu uma sikhuluma ngamahora. Siyabuzwa ubuhlungu bamakhasimende ethu,” kusho yena.
Imvamisa kuthatha isikhathi esingaphansi kwamahora amabili ukulanda izidumbu ziyiswe emakhazeni, engeza.