
Dylan Bettencourt
Esikhathini samanje lapho kunobuchwepheshe khona, izingane azisakwazi ukuhlala amahora ayisithupha zingasebenzisi omakhalekhukhwini.
Kodwa osemusha waseMelika uSilvert Klefsaas wakwenza futhi waklonyeliswa ngakho.
Ukubheja nonina eneminyaka engu-12 uSilvert waphonselwa inselelo yokuthi angangeni ezinkundleni zokuxhumana aze abe neminyaka engu-18 ubudala, wayethenjiswe umklomelo wemali engu-R28,000 owawumlindile uma ekwazile ukugcina isivumelwano.
Lokhu kubheja ababekubiza ngokuthi “i-18 for18” kwakuhamba nemibandela yokuthi angangeni ezinkundleni zokuxhumana cishe yonke iminyaka yakhe yobungane ukuze ezothola umklomelo ka-$1,800 ekupheleni kohambo lwakhe.
Umama kaSilvert uthe uyaziqhenya kakhulu ngendodana yakhe ngokuphothula inselelo kanye nokudlula izikhathi ezinzima.
“Wayehlezi ethi angeke asiphule isithembiso”. Ngiyaziqhenya ngaye, ngoba kunezikhathi ezimbalwa lapho kwakunzima khona. Bengazi ngokuqinisekile ukuthi uzophumelela, ”etshela i-CNN.
USilvert uhlanganise iminyaka engu-18 ngomhlaka-19 kuNhlolanja 2022 futhi wagcina ekwazile ukungena ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kweminyaka eyisithupha wathola nemali kwi-akhawunti yakhe yasebhange.
“Angeke ngithi asikho isikhathi lapho ngingakaze ngicabange ukuthi ngizosiphula lesi sithembiso. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwaba into engase ngiyijwayele futhi ngiziqhenya ngayo,”kuchaza uSilvert.
Umama wezingane ezine uthe uyabuqonda ubungozi bezinkundla zokuxhumana kanye nomthelela empilweni yezingane, wengeza ngokuthi wagqugquzela lenselelo ukuze avikele indodana yakhe ngaleso sikhathi.
Ngesikhathi ebuyela ku-Instagram, uSilvert ufake isithombe sakhe esemncane emamatheka , wabhala ukuthu: “Le indlela engizizwa ngayo nge-Instagram yami entsha.”
“Kuyahlekisa. Ngizizwa sengathi ngineminyaka engu-80. Ngisahluleka nokungena ezinkundleni zokuxhumana kuyihlazo impela kuchaza uSilvert.
Unina uthe imali ayisebenzisile kule nselelo imali ayijabulelayo ukuthi uyibekele indodana yakhe.”
Umthombo wesithombe: @NewYorkPost