Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ukuhlonza umuntu ongaqondakali owashaya ucingo ngobusuku okwabulawa ngabo u-Andiswa Magadla kungase kube ukhiye ekuxazululeni ukubulawa kwakhe – kodwa umndeni wakhe uthi amaphoyisa awenzi lutho ngakho.
UMagadla (28) obengunogada wase-Delft eKapa wadutshulwa wabulawa ngomhlaka-15 kuNtulikazi nyakenye.
Sekudlule izinyanga ezingaphezu kweziyisikhombisa ashona, kodwa umndeni wakhe uthi awukezwa lutho oluphuma emaphoyiseni.
Umama wakhe ukholelwa ekutheni umakhalekhukhwini wendodakazi yakhe ungaba wukhiye ophenyweni, kodwaawukavulwa.
UThembakazi Magadla uthe indodakazi yakhe yayinabangani bayo endlini ngesikhathi ithola ucingo oluvela kothile ethi ayiphumele ngaphandle.
Ngemuva kwesikhashana ephumile abangani bakhe bamuzwa ememeza kwalandela ukuqhuma kwesibhamu.
Abangani bakhe baphuma phandle bafica u-Andiswa egcwele amanxeba okudutshulwa. Bamphuthumisa esibhedlela, kodwa kwase kwephuzile washonela khona lapho.
Selokhu kwashona indodakazi yakhe uMagadla ubelokhu evakashela esiteshini samaphoyisa e-Delft njalo ukuze athole izimpendulo.
“Amaphoyisa awalithatheli phezulu leli cala. Indodakazi yami yadutshulwa ngoNtulikazi nyakenye kodwa kuze kube manje asikezwa lutho oluphuma kubo,” etshela i-Scrolla.Africa.
UMagadla ukholelwa ekutheni kufanele ngabe manje kukhona inqubekela phambili mayelana nokushona kwendodakazi yakhe.
“Kuyacaca ukuthi abazange bazihluphe nangokuvula ucingo lwendodakazi yami ukuze babone umuntu wokugcina owamshayela ucingo. Kumele babuyise ucingo lwakhe ngaphambi kokuthi lunyamalale,” kusho umama.
Umndeni ubulokhu udonsa kanzima selokhu kwashona u-Andiswa. Ushiye izingane ezimbili ezincane, eneminyaka eyisithupha kanye neneminyaka engu-12 futhi uyena obebeka isinkwa etafuleni emndenini wakhe.
“Ubehlezi ewunakekela umndeni ngakho noma ngabe ngubani owambulala akagcinanga ngokumbulala kodwa ubulale umuntu obewondla umndeni futhi uphuce izingane zakhe ilungelo lokukhula nonina,” kusho uMagadla.
“Kubuhlungu kakhulu ukulahlekelwa ingane ngale ndlela. Amaphoyisa ahudula izinyawo futhi kunzima nakakhulu ukuzilela ukushona kwakhe.”
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uFrederick van Wyk ukuqinisekisile ukuthi isigameko sokudubula senzeka ngomhlaka-15 kuNtulikazi nyakenye e-Delft.
“Abakwa-SAPS e-Delft baphenya icala lokubulala kanti noma ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko uyacelwa ukuthi aphumele obala,” esho.
UVan Wyk akashongo ukuthi amaphoyisa akwazile yini ukuvula umakhalekhukhwini kaMagadla.
Uthe uma umndeni ungagculisekile ngophenyo wamukelekile ukuthi uhlangane noMkhuzi wabaseshi uColonel CJ Ontong.
Esithombeni esingenhla: U-Andiswa Magadla
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe