Lubhalwe nguBuziwe Nocuzwe
Umndeni wakwaMarasi waseMfuleni, eKapa, ufuna izimpendulo emaphoyiseni ngemuva kokutholakala kwesidumbu selungu lomndeni uLuvuyo Marasi eduze kwesiteshi samaphoyisa eKuilsriver.
NgoMsombuluko kusabalale ezinkundleni zokuxhumana ividiyo kaLuvuyo okucacayo ukuthi wayephuzile esizwa iveni yamaphoyisa.
Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa, lithe bamfuna uLuvuyo ngemuva kokubona ividiyo kodwa bangamthola.
NgoLwesibili umndeni uthole ucingo ukuthi ushonile.
“Siqale sabona ukuthi yiphutha ngoba kule vidiyo sambona efakwa ngaphakathi emotweni yamaphoyisa sacabanga ukuthi bazomgcina kuze kuphele utshwala emzimbeni,” kusho ilungu lomndeni.
Manje bafuna ukwazi ukuthi kwenzekani ngemva kokuba amaphoyisa emthathile. Umndeni uthe akalimele ngaphandle kwekhala ebelopha.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uCaptain Frederick Van Wyk uthe: “Kuyaphenywa ngokufa kwakhe. Kuzokwenziwa uphenyo ukuze kutholakale imbangela yokufa kwakhe.”
UWayne Dyason okhulumela uphiko lwezomthetho eKapa, uthe: “Yonke imininingwane efanele izoqoqwa bese iqinisekiswa ukuze kutholwe amaqiniso.”
Isithombe esingenhla: Amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela