Kamogelo Olaitan
Sekuphele izinsuku ezimbili amaphoyisa ase-Seshego emba ezindaweni zamabhizinisi ezehlukene ngethemba lokuthola izitho zomzimba kulandela izinsolo zokuthwala okwenziwa eminyakeni engu-16 edlule.
Kuze kube manje amaphoyisa akukho akutholile.
Kodwa umndeni walowo osolwa ngokubulawa ukholelwa ukuthi amathambo kamfowabo uRonald Makgato owanyamalala eneminyaka engu-35 ubudala azotholakala.
URonald owayehlala esigodini sase-Mamehlabe e-Ga-Matlala, e-Limpopo wanyamalala ngonyaka ka-2006.
Umndeni wakhe namaphoyisa abheka yonke indawo ngaleso sikhathi angathola lutho. Kwaba sengathi umuntu ongakaze abe khona.
Uyise washona ngo-2010 engumuntu ophukile emoyeni elangazelela ukubona indodana yakhe futhi.
Umndeni wakwaMakgato kungenzeka ugcine usuwazi ukuthi kwenzekani ngomfowabo ngemuva kokuthi isihlobo sivume icala lokubulala.
Kuthiwa isihlobo savuma ukuthi sasiyingxenye yeqembu elathumba uRonald Makgato e-Soshanguve lapho ayesebenza khona bambulala ngemuva kwalokho bathatha izitho zakhe zomzimba.
Ucwaningo selukhombisile ukuthi izinhloso ezimbili zokubulala izinkolelo zamasiko kanye nenzuzo yemali kanti ababulali bakholelwa ukuthi ukungcwaba izitho zomzimba emagcekeni ebhizinisi kuzoheha amakhasimende.
Udadewabo kaRonald uGogo Lebogo uthe isihlobo satshela umndeni ukuthi umfowabo ubulawelwe izitho zakhe.
Uthe ubuye wavuma ukuthi izitho zomzimba bezingcwatshwe ngaphandle kwamabhizinisi amaningi okusolakala ukuthi awababulali bakhe.
“Umfowethu wabulawa okwesilwane sasendle ngumuntu amaziyo lokhu kuyathusa futhi kuphula umoya,” kusho yena.
NgoMsombuluko nangoLwesibili amaphoyisa ase-Seshego aye endaweni yebhizinisi ngethemba lokuthola amathambo kaRonald kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Sikholwa ukuthi amaphoyisa azowathola amathambo kamfowethu ukuze simngcwabe bese sithola nokuphumula ezinhlizweni kumnyama kubomvu kumele siwathole amathambo akhe,” kusho uLebogo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uKaputeni Mamphaswa Seabi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi azikatholakali izitho zomzimba okwamanje kodwa uphenyo lusaqhubeka.
“Kuboshwe abasolwa ababili ababhekene namacala okuthumba, ukubulala kanye nelokwakha itulo lokubulala. Bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Seshego ngomhlaka-28 kuMbasa ukuze bafake isicelo sebheyili,” kusho uSeabi.