Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umndeni waseKhayelitsha, eKapa, uthi amaphoyisa akwa-Site B SAPS ayanqaba ukuwavikela ekuhlukunyezweni nasekushayweni yisihlobo esineminyaka engu-35 ubudala esicwile kwizidakamizwa.
Umndeni ongathandanga ukudalulwa, uthe sekunesikhathi eside ucela usizo emaphoyiseni kodwa ungaphumeleli.
“Umama uke washaywa umfowabo kaningi, sazama ukulamula kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, manje nathi useyasihlukumeza,” kusho elinye ilungu lomndeni.
Sibikele maphoyisa e-SAPS kodwa kuthe uma befonela isiteshi samaphoyisa kwathiwa ababuye ngesikhathi umsolwa ebashaya.
Umsolwa ngokuhamba kwesikhathi ubuye nezimpahla ezebiwe zifihlwe emgqonyeni kadoti. Lapho umndeni ubhekene naye, wavele wabahlasela bonke.
“Sibize amaphoyisa, asitshela ukuthi sisingathele isimo thina mathupha,” kusho ilungu lomndeni.
“Sifuna aboshwe ngecala lokweba nokushaya agcinwe ejele, sinovalo lokuthi uzogcina ebulele oyedwa wethu.
“Uma iSAPS iqhubeka nokulushaya indiva udaba lwethu kuzokwenzeka into embi. Abantu kumele bazi ukuthi besibika lokhu ngaphandle kokuthola usizo.”
USergeant Wesley Twigg, okhulumela amaphoyisa eWestern Cape weluleke umndeni ngokuthi uhlangane nabaphathi besiteshi samaphoyisa ukuze kuxoxwe ngezinto ezibakhathazayo.
Uthe lezi zinsolo zingaphenywa ngendlela efanele.
Isithombe esingenhla: Amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela
