Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Imindeni yamalungu ebandla ayisikhombisa ashone engozini yemoto ngesikhathi evakashele e-Botswana ngomhlaka-28 kuMbasa icwile ezikweletini – kanti abaholi bebandla likamfundisi uMasango i-St John Church e-Soshanguve kuthiwa bathole imali engaphezu kuka-R100 000 evela kwiPhini likaMengameli uPaul Mashatile.
Itekisi abebehamba ngalo libandakanyeke engozini ngesikhathi bebuyela kuleli.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, umama ozilile u-Agnes Mokoena uthe uzizwa ekhasheliwe futhi ibandla lihlulekile ukubasiza.
“Size saziswa ngengozi ngoMsombuluko ntambama ibandla. Basitshele ukuthi sebezihlonzile izidumbu, bazisusa emakhazeni kahulumeni baziyisa kwazimele, base behlela ukuthi izidumbu zibuyiselwe kuleli.
“Lokhu kusishaqisile singabantu base-Afrika. Bayazi ukuthi sinemikhuba yokulanda umoya kamufi kuqala. Basitshele ukuthi abakholelwa futhi abawenzi amasiko anjalo futhi ngeke bazibandakanye kuleyo nqubo,” usho kanjeni.
Umndeni wenze izinhlelo zokuya e-Botswana nomasincwabisane wabo ozimele ukuyolanda isidumbu sikamufi uMumsy Mokoena.
Ngesikhathi befika izikhulu zehhovisi leNxusa lakuleli lazise imindeni ukuthi ibandla libatshele ukuthi imindeni ilinikeze imvume yokuthi ibandla lihlonze izidumbu bese liyazithwala zibuyiselwa kuleli.
Umama ososizini uthe ngesikhathi befika kumngcwabi ozimele izidumbu bese zilayishiwe. Batshelwe ukuthi isidumbu sabo bazosithola kuleli ngakusasa.
“Umngcwabi ube esefuna u-R6,640 ngaphambi kokuthi badedele isidumbu, lokhu bekuyimali yokuthutha nokugcina isidumbu. Kudingeke ukuthi ngingene kwezinye izikweletu.
“Ngesikhathi sithintana nebandla sifuna ukuthola ukuthi bahlela ukusiza kanjani imindeni ethintekile ngokwezimali, sibikelwe ukuthi bahlela umngcwabo omkhulu. Nalokhu kwenzeke ngaphandle kokubonisana nemindeni ethintekile.
“Yilapho imindeni ethole khona ukuthi ibandla lithole umnikelo ongaphezu kuka-R100 000 wokuthutha izidumbu nezinye izindleko.
Imizamo yokuthola umholi webandla, uSimon Moela ayiphumelelanga njengoba omakhalekhukhwini bakhe ababili bebevaliwe.
Ucingo lwephini likaMengameli nalo belukhala izikhathi eziningi lungabanjwa kuze kwaba luyavalwa ngokuhamba kwesikhathi.
Esithombeni esingenhla: Ongasekho uMumsy Mokoena.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe