Joseph Chirume
Ukulahlekelwa yilungu lomndeni ngokubulawa kubuhlungu, kodwa kuba buhlungu kakhulu uma umndeni ungakwazi ukungcwaba othandiweyo wabo ngenxa yobudedengu bezikhulu.
Usale ubambe ongezansi umndeni oshonelwe e-Gqeberha e-Eastern Cape ngemuva kokuthi indodana yawo engasekho ingcwatshwe ngabantu ongabazi.
UMthuthuzeli Siyanda Myali wabulawa ngoMbasa kulo nyaka kanti isidumbu sakhe esishile satholwa sigqitshwe ethuneni elingashoni ehlathini ngaphandle kwase-NU29, e-Motherwell.
Akekho owaziyo ukuthi wabulawa ngubani.
Kwaphela izinyanga ezintathu umndeni owawusosizini ulindele imiphumela yolibofuzo emaphoyiseni nokuthe uma ifika, amaphoyisa ahluleka ukunikeza umndeni isidumbu.
Udadewabo kaSiyanda, u-Alinwe Mangele uthe imiphumela iphume yathi ngumfowabo mhla zingama-24 kuLwezi.
“Umama wami wasizwa amalungu omphakathi ekuthungatheni isidumbu sikaSiyanda ngemuva kokuduka ngoMbasa. Isidumbu besihlonzwe ngama-dreadlocks, kodwa amaphoyisa anqaba ukusidedela isidumbu,” kusho u-Alinwe etshela i-Scrolla.Africa.
“Sithukile ngesikhathi sitshelwa ngesonto eledlule emakhazeni ase-New Brighton ukuthi isidumbu sakhe sathathwa kudala ngomunye umuntu owamngcwaba. Sibuze ukuthi kungenzeka kanjani lokhu ikakhulukazi ngemuva kokuthi amaphoyisa esitshele ukuthi silinde imiphumela yolibofuzo,” esho.
Manje umndeni ufuna izimpendulo emaphoyiseni. Bafuna amagama omndeni owamngcwaba bengazi.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Gerda Swart uthe, “Amaphoyisa awasebenzi ngamacala afana naleli. Konke sikushiyela indawo yokugcina izidumbu.”
Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uMkhululi Ndamase, uthe basalindele umbiko ogcwele ngalolu daba. Lokhu okutholakele kuzokwaziswa umndeni.
“Lolu udaba lubucayi ngakho-ke ngeke sikwazi ukuphawula kabanzi,” esho.