
Kamogelo Muvhenzhe
Umndeni womshayeli wetekisi odutshulwe wabulawa ngamaphoyisa ngoLwesibili olwedlule uzwakalise ukungabaza ngalokho okushiwo ngamaphoyisa.
La maphoyisa amabili athi uMokgethwa Serage wenqabe ukumisa imoto yakhe ngemuva kokuyalelwa ngoLwesibili ebusuku mhla zingama-29 kuNhlangulana.
UMokgethwa kusolwa ukuthi ushayise iphoyisa lesilisa ngesikhathi ezama ukubaleka ngetekisi lakhe i-Quantum, e-Tubatse ngaphandle kwase-Burgersfort e-Limpopo.
Ngesikhathi sebemisile, la maphoyisa athi wehle etekisini ethukuthele egane unwabu wahlasela uzakwabo wephoyisa oyisikhulu ongowesifazane, ngesipanela samasondo.
Ukunqanda le ndoda ebithukuthele, isikhulu sesilisa siqhumise isibhamu njengesexwayiso, sabe sesiphoqeleka ukuba sidubule inhlamvu yesibili. Umshayeli wetekisi ushonele endleleni eya esibhedlela ngehora le-7 ebusuku.
Umfowabo kaMokgethwa, uSimon Serage uthe igazi elitholwe endaweni yesigameko belingaphakathi kwetekisi kuphela, kanye nembobo eyodwa yehlamvu ohlangothini lomshayeli.
Uthe amaphoyisa ahlulekile ukuthola izitatimende zofakazi kubagibeli abebesetekisini.
“Sisola ukuthi udutshulwe engaphakathi etekisini,” esho.
USimon uthe umfowabo ubese eshayele amatekisi iminyaka futhi akaze nangelilodwa ilanga walwa namaphoyisa noma omunye umuntu.
“Besingekho isizathu sokuthi angami uma amaphoyisa emumisa,” esho.
“Ubengakuthandi ukulwa. Ubeyindoda elungile futhi iphupho lakhe ubefuna kuba ngumnikazi wamatekisi owaziwayo. Ubenza kahle kakhulu.”
USimon uthe usevele ufake isikhalazo kubaphenyi maqondana naleli cala kodwa uzolinda kuze kudlule umngcwabo kaMokgethwa ukuze akhulume nabammeli.
“Sifuna izimpendulo. Umama wethu ubhekene nobunzima futhi indodana yakhe isisele ingenaye ubaba”
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uliqinisekisile leli cala wathi baphenya icala lokubulala.
Uthe iphoyisa lesifazane lithole imihuzukwana futhi lalashwa labe selidedelwa esibhedlela ngosuku olufanayo.
Uzakwabo wesilisa akazange athole ukulimala nangemuva kokushayiswa yitekisi.
Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.