Umndeni kampetha wesibhakela ukhala ngokubanjiswa udonga

Linda Ximba

Umndeni waloyo owayengumpetha womhlaba ongasekho uPeter “Terror” Mathebula ukhala ngokunganakwa izinhlangano zezemidlalo zakuleli.

UMathebula ube ngumshayisibhakela wokuqala omnyama ukunqoba ibhande lomqhudelwano womhlaba ngonyaka ka-1970 ngesikhathi abashayisibhakela abamnyama nabamhlophe babengavunyelwe ukulwa bodwa kuleli. 

Washintsha izinto kwaphenduka amatafula ngesikhathi ehlula umpetha uTae Shik Kim wase-South Korea ngamaphuzu ngemuva komzuliswano onzima weshumi nanhlanu waphakamisa isicoco se-World Boxing Association (WBA) flyweight ye-Olympic Auditorium e-Los Angeles ngomhlaka-13 kuLwezi ngo-1980.

Kwakuyimpi yokuqala kaMathebula engaphandle kuleli. 

UMathebula owathatha umhlalaphansi eneminyaka engu-31 ubudala ngemuva kokunqoba imidlalo engu-36 ehlulwe emdlalweni eyisishiyagalolunye ushone eminyakeni emibili edlule engenalo ngisho nesenti egameni lakhe.

Indodana yakhe okuwukuphela kwayo uPatrick utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uMasipala wendawo wase-West Rand wenza izithembiso zokuthi bazokwenza imiqhudelwano eminingi yesibhakela ukuze kuhlonishwe umpetha ongasekho.

“Engikukhumbulayo ukuthi uMasipala ubambe umqhudelwano owodwa kuphela ngo-2017. Kwakukhona ukuzibophezela kweMeya yangaleso sikhathi ukuthi minyaka yonke kuzoba nomqhudelwano wesibhakela ohlanganisa intsha kanye nabashayisibhakela asebekhulile,” kusho uPatrick. 

“Sinomuzwa wokuthi laba  babekwenza lokho kuphela ngesikhathi kusaphila ubaba.”

Uthe usezame kwanhlanga zimuka nomoya ukuxhumana noMasipala ngisho noMnyango wezeMidlalo e-Gauteng ngenhloso yokulondoloza umlando kaMathebula.

UMathebula wayedabuka emigwaqeni enothuli yase-Mohlakeng e-Randfontein.

Ukubusa kwakhe njengomdlali we-WBA kwaba okwesikhashana ngemuva kokuhlulwa nguSantos Laciar wase-Argentina ngesikhathi emiswa emzuliswaneni wesikhombisa e-Orlando Stadium ngo-1981.

Izihloko zakamuva