Umndeni kaJacob Zuma unxusa ukuba athole ikhefu lokuthi angcwabe umfowabo

Lungani Zungu

Umndeni kaJacob Zuma ulwela ukumtholela ikhefu lozwelo ejele ukuze akwazi ukuya emngcwabeni kamfowabo omncane, uMichael, ngoLwesine.

UMichael ushone ngesonto eledlule esibhedlela iNtunjambili e-Kranskop enyakatho ne-KZN ngemuva kokugula isikhathi eside. UKhanya, omunye umfowabo kaZuma, akazange adalule ukuthi umfowabo uphethwe yini kodwa wathi unkosikazi wakhe, uMaZulu, utheleleke nge-Covid-19 muva nje futhi usesibhedlela.

UKhanya utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umngcwabo kaMichael uzobe ungaphelele ngaphandle kukaGedleyihlekisa, ngoba ungumfowabo omdala osadla anhlamvana.

“Sigxile ekungcwabeni umfowethu ngesizotha namanye amalungu omndeni ekhona, kubandakanya noJacob,” kusho uKhanya.

Uthe uZuma noMichael bebesondelene kakhulu futhi kuzoba buhlungu kakhulu kuye uma engakwazi ukumngcwaba.

Indodana kaZuma uDuduzane uthe akazi noma abammeli bakababa wakhe bazofaka isicelo yini sokuba adedelwe lapho ebuzwa yi-NewzRoom Africa ngoMsombuluko.

UMnu uBhekizizwe Zuma, oyinduna yakwaZuma eNkandla, uthe kungaba buhlungu uma uZuma engavunyelwa ukuphuma ejele ukuyongcwaba umfowabo.

“Udinga ukuvala isahluko eside abebe naso noMichael. Siyathandaza ukuthi abantu ababhekele ukumdedela benze njalo.”

UZuma udonsa isigwebo sezinyanga eziyi-15 ejele ngemuva kokuphikisa umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo  obumtshela ukuthi avele ngaphambi kwekhomishini yophenyo lokulawulwa kombuso.

Izihloko zakamuva