Umndeni awenelisekile ngesigwebo esinikwe umbulali

Doreen Mokgolo

Amalungu omndeni kanye nezisulu banomuzwa wokuthi i-bouncer uJabu Radebe uthole isigwebo esincane ngemuva kokugwetshwa iminyaka eyi-15 neyisikhombisa eNkantolo yeMantshi yase-Springs ngoMsombuluko.

Mhla zizine kuMandulo ngonyaka odlule, uRadebe owayengumnakekeli wesipaza sabantu bakwamanye amazwe wavulela ngenhlamvu eqenjini lezakhamizi okwakusolwa ukuthi ziphanga izitolo kule ndawo. URadebe wadubula wabulala uPule Khanyi noDesmond Ngomani.

Umama kaPule, uBasetsana Khanyi uthe ubelindele isigwebo esinzima.

“Ngelinye ilanga uzophuma ejele aqhubeke nempilo yakhe lapho indodana yami isashona,” esho.

UThandi Mahlangu unezinhlamvu ezintathu ezibhajwe emlenzeni wakhe wangakwesokudla futhi imilenze yakhe ayisasebenzi.

“Ngiphoqelekile ukuhlala nalobu buhlungu impilo yami yonke ngenkathi (yena) enemilenze esebenzayo,” esho.

UThandi uthe izisulu ezintathu bezingeyona ingxenye yabaphangi.

“Umufi ubevakashele umamncane wakhe, bengibuya emsebenzini ngesikhathi uDesmond ehamba eya ekhaya,” esho.

“Uqhubekile nokudubula ebhekise ngakimi noma ngimtshela ukuthi angiyona ingxenye yeqembu. Ngamemeza igama lakhe kabili,” esho.

Ngesikhathi ekhipha isinqumo, iMantshi uKhensani MoilaMoila uthe uRadebe akazange akhombise ukuzisola.

“Uhlulekile ukuthumela abantu abazomumela ukuthi bazoxolisa egameni lakhe noma basize ngokwezimali ngomngcwabo ngokwesiko lase-Afrika,” esho.

“Ngemuva kwesigameko waqoqa amakhadibhodi ayi-19 endaweni yesigameko ngaphambi kokuzinikela emaphoyiseni. Lokhu kukhombisa ukuthi wayezama ukubuphazamisa ubufakazi,” esho.

Izihloko zakamuva