UMnangagwa usolwa ngokusenga ezimithiyo ngeminyaka yakhe

Joseph Chirume

Izinsolo zokuqamba amanga ngeminyaka azigcini emhlabeni wezemidlalo kuphela.

UMengameli Emmerson Mnangagwa usempini yamazwi nomngani wakhe owayesekudingisweni, owayenguNgqongqoshe Wezokwazisa Nokushicilela, uJonathan Moyo.

UMnangagwa umemezele ngokuziqhenya namuhla e-Harare ukuthi ugubha iminyaka engama-79 yokuzalwa.

UMengameli ubonakala kwividiyo emfushane emi phambi kwamasosha nezikhulu ezigqoke amasudi. Abantu bacula iculo elidumile elithi-“Happy birthday. Uneminyaka emingaki Mengameli?”

UMnangagwa uphendula ngokuhleka uthi, “engama-70 ehlanganiswa neyisishiyagalolunye” Futhi kuqhuma uhleko oluvela kwizivakashi ebezicula lelo culo.

Kodwa uJonathan Moyo owazidingisa yena uyakuphikisa lokho futhi uthi uMengameli usenga ezimithiyo ngeminyaka yakhe.

UMoyo ubhale ekhasini lakhe ku-twitter wathi “mhla ziyi-15 kuMandulo ngowe-1938, mhla ziyi-15 kuMandulo ngowe-1942, mhla ziyi-15 kuMandulo ngowe-1946.

“Eminyakeni edlule, uMnangagwa uqobo ubesebenzisa yonke le minyaka engenhla njengosuku lwakhe lokuzalwa, kuya ngesimo esiphambi kwakhe; lulodwa kuphela usuku oluyiqiniso kulawa; kodwa lokho sizokuxoxa ngolunye usuku. Sikufisela usuku oluhle lokuzalwa Emmerson”.

UMoyo wayenguNgqongqoshe kuhulumeni kaRobert Mugabe futhi wayesondelene kakhulu noMengameli ongasekho. Uhole iqembu elibizwa nge-Generation 40 ebenezibusiso zikaGrace Mugabe futhi lazibeka ethubeni lokuhlala esihlalweni sobukhosi ngemuva kokushiya kukaMugabe.

Icebo labo lakhishwa ngemuva kokuthi uMnangagwa ahole umbuso ngoLwezi ngowezi-2017 okwaholela ekutheni uMoyo nesikwati sakhe se-G40 babalekele kwamanye amazwe.

Izihloko zakamuva