UMnangagwa nenkinga yokushiya isikhala

Joseph Chirume

Emasontweni adlule uMengameli wase-Zimbabwe u-Emmerson Mnangagwa uzigwaze ngowakhe  (kwezombusazwe) hhayi kanye kodwa kabili, kanti lo mholi usebhekene neziphakamiso zokuthi ashenxe.

UMnangagwa – owaziwa ngelikaNgwena noma ingwenya ngesi-Shona – muva nje wenze uchungechunge lwezinqumo eziyindida, ikakhulukazi isinqumo sokuvala izinsiza zokuthutha umphakathi eziphethwe ngasese kanye nokuvimbela amabhange ukuthi abolekise imali kumakhasimende.

Ngesikhathi uMnangagwa ememezela ukuthi sezivaliwe izinkampani ezizimele ezithutha abantu, uvele watheswa icala lokuzama ukubamba umnotho wenkampani kahulumeni i-Zimbabwe United Passenger Company (i-ZUPCO).

UMnangagwa, osolwa ngokuba nentshisekelo yezimali ku-ZUPCO, wehlulekile ukumelana nokukhala komphakathi futhi kuleli sonto unqume ukwenza okuthile ngomthetho.

Lokhu kwenze ukuthi idola lase-Zimbabwe lehle ngesikhathi abagibeli abaphelelwe yithemba bebambe olayini bokugibela amabhasi ambalwa e-ZUPCO.

Ngempelasonto, uMnangagwa uphinde wenza isinqumo esikhulu ngokuvala amabhange nezinye izikhungo zemali ukuboleka amakhasimende azo imali, ethi ukuphuma kwemali okudala ukwehla kwamandla emali.

I-Zimbabwe Banks and Allied Workers Union (i-ZIBAWU) isiveze ukukhathazeka okukhulu ngalesi sinqumo.

“Okusikhathaza kakhulu wukuvalwa kokuboleka imali emabhange. Sesixoxisane kabanzi futhi sinombono wokuthi lena ngeminye yemigomo ezoholela emiphumeleni ebucayi ebingahlosiwe,” kusho isitatimende senhlangano.

“Eminye yemisebenzi yamabhange ukuboleka imali. Ukuthatha ingxenye yomsebenzi ohamba phambili womkhakha wamabhange ngokuqinisekile kuyindlela yokucekela phansi umkhakha wonke. Eminye iminyango izovalwa.”

Okhulumela iqembu eliphikisayo i-Citizens Coalition for Change uFadzai Mahere uthe, “Umbono kaMnangagwa ngesikhathi ethatha izintambo zokubusa wawuthi ‘i-Zimbabwe ivulelekile emabhizinisi,’ kodwa usevale izwe ukuthi lingabi nebhizinisi.

Kodwa i-Zimbabwe Reserve Bank ithi lesi isilinganiso sesikhathi esifushane ngokwenza isibonelo sokuthi, “Uma ipayipi lakho lifaka amanzi ethangini elivuzayo, vala leyompompi ukuze usebenzise okuphakathi ethangini.”