Ummeli waseMelika uqashe imfundamakhwela yenkabi ukuba imdubule

Arthur Greene

Njengoba uRosemary Ndlovu ebhekene nokuqulwa kwecala lakhe lokubulala umndeni wakhe ngoba efuna imali yomshwalense, u-Alex Murdaugh ummeli waseMelika uqhamuke nendlela angazibulala ngayo ukuze indodana yakhe ithole imali eyizigidi.

UMurdaugh uqashe inkabi eyimfundamakhwela ukuba imdubule ekhanda – kodwa lokhu abekufuna akuhambanga ngendlela!

UMurdaugh usindile ngesikhathi edutshulwa mhla ziyi-4 kuMandulo, kodwa uthole umhuzuko omncane.

Lo mmeli oneminyaka engama-53 uvumile ngeqhinga lakhe ngoMsombuluko, futhi usengabhekana necala lokukhwabanisa umshwalense.

UMurdaugh usolwa ukuthi unikeze uCurtis Edward Smith oneminyaka engama-61 isbhamu, waphinde wamuyalela ukuthi akamdubule. Inkabi ibizothola izigidi ezi-10 zamarandi uma umshwalense usuyikhokhelile indodana yakhe.

USmith uvumile ukuwenza umsebenz i- kodwa akawenzanga ngendlela efanelekile. UMurdaugh uthole umhuzuko ngoba inhlamvu ikhe ngaphezulu kwekhanda. Ngokusho kwe-South Carolina Law Enforcement Division (i-SLED), bathi ufonele abosizo oluphuthumayo ukubika lesehlakalo.

“Ngesonto elilandelayo, okhulumela umndeni ukhiphe isitatimende kwabezindaba, esifundeka kanje: “u-Alex ume ngesikhathi ebona ilambu lokukhanya kwesondo ebeliphansi. Owesilisa obehamba ngemoto eluhlaza njengesibhakabhaka wambuza ukuthi ngabe imoto inenkinga yini. Ngesikhathi u-Alex ephendula wezwa ukuqhuma kwesibhamu edutshulwa.”

UMurdaugh akakabekwa icala, kodwa uSmith ubekwe icala lokusiza ofuna ukuzibulala, ukwakha uzungu ukuze kuphume imali yomshwalense, ukukhomba nokutholakala nesibhamu, ukuhlasela kanye nokutholakala nebhethri eliphezulu futhi nokuzama ukubulala.

UMurdaugh uqhamuke neqhinga lokuzibulala, ngemuva kwezinyanga ezimbalwa ezinesiphithiphithi njengoba engummeli ovelele wase-Caroline.

NgoNhlangulana, unkosikazi wakhe uMargaret kanye nendodana yakhe uPaul, badutshulwa bashona ngaphandle kwekhaya labo.

Ukubulawa kwabo kwaletha izinsolo eziningi ngoba ngosuku lwaphambilini uMurdaugh wasula emsebenzini njengommeli wezinkampani i-Peters, i-Murdaugh, i-Parker, i-Eltzroth & Detrick.

Kwathi ngezinsuku ezilandelayo kwavela ukuthi uMurdaugh wasula emsebenzini ngemuva kokuthola ukuthi u-Alex wasebenzisa imali ngokungafanele waphinde waphula umthetho nenqubomgomo.

Kwathi ngokuhamba kwesikhathi ummeli uJim Griffin wathola ukuthi uMurdaugh wayehluleka ukulwa nenkinga yakhe yokuthanda imali wagcina etshontshe imali emsebenzini.

Amaphoyisa awakabophi muntu ngokubulawa kukaMargaret kanye noPaul Murdaugh, kodwa uphenyo lusaqhubeka.

Izihloko zakamuva