Ummeli wama-British owayebhaxabula abafana ngenduku esebenzisa igama likaJesu ugcine esengumgqugquzeli wemikhankaso e-Cape Town

Arthur Greene

Ngemuva kwezinsolo zokushaya abafana esebenzisa igama likaJesu Kristu uJohn Symth walulekwa abangani bakhe ukuba ashaye utshani e-UK ngokukhulu ukushesha.

Wayiqala e-Zimbabwe ngowezi-1989 lento yakhe ayenza ngentshisekelo yokholo wayiphinda futhi e-Cape Town.

USmyth onentshisekelo yokukholwa eyeqile ubekwe izinsolo zokushaya abafana baze baphume igazi – konke lokhu ekwenza egameni lokuthi uyathandaza ebiza igama likaJesu Kristu.

Incwadi entsha ebhalwe ukuthi – “Bleeding for Jesus by Andrew Graystone” ikhuluma ngendaba ka-Smyth iphinde iveza indlela yokuhlukumeza kwenkolo eyenziwa e-UK nase-Zimbabwe.

USymth ongummeli aphinde abe yijaji, waphinde wasebenzela i-Lwerne Trust ephethe amasosha iphinde iphathe ama-camp ezenkolo lapho kwakusuke kuhlangene abafana abasebancane ngowezi-1970-1980.

Lama-camp kwakuyindawo lapho enza khona le mikhuba yokushaya abafana ethi abaphenduke ezonweni zabo abazenzayo okubalwa ukushaya indlwabu ngokusho kwe-Mail & Guardian.

Omunye owashawa uSmyth iminyaka wake wazama ukuzibulala ngemuva kokuthenjiswa ukuxebulwa ngenduku ngokukhethekile uma esefike esigabeni seminyaka engama-21 ngokusho kwe-Guardian.

USmyth wathutha waya e-Zimbabwe ngonyaka wezi-1984 wahamba nakho ukungcola kwakhe kokuhlukumeza okunesihluku.

Wafike wavula isonto lenkolo ye-Christian elibizwa nge-Zambesi Ministries iminyaka eyi-17. Ngonyaka wezi-1992 wabekwa icala lokubulala ngokungenhloso umfana owayeneminyaka eyi-16 uGuide Nyachuru.

UNyachuru wayefike enkonzweni yakhe ngezikhathi zokuphela konyaka umzimba wakhe owawungaqgokisiwe izingubo watholakala kwi-pool.

USmyth wakwazi ukubakhohlisa ngokuthi ukushona kwalomfana kwaba iphutha. Uphenyo olwathatha isikhathi eside lwaveza ukuthi wayengaqondile ukubulala uMyachuru, kodwa le ngozi yenza abantu babuza imibuzo eminingi ngokuziphatha kwakhe uma egade izingane zabafana.

USmyth waphinde wabekwa amacala amahlanu wokuba budedengu ngesikhathi bene-camp ngoMbasa ngowezi-1993 okubalwa kuwo ukushawa kwabafana abahlanu abaqhamuka kwizikole ezizimele e-Zimbabwe. Ngokusho kwebhuku lamacala.

Ubejwayele ukugeza nabo benqunu bese eyabashaya esebenzisa i-bat ye-table tennis.

Amacala awazange aqhubeke ngenxa yobuchwepheshe kwezomthetho kodwa baphoqa uSmyth ukuthi ahambe ezweni labo.

Ngonyaka wezi-1993 wafika e-Cape Town lapho afike aba isiphathimandla sobulungiswa baseNingizimu Afrika waphatha imikhankaso elwisana nokushadana nobulili obubodwa, ucansi olwenziwa izingane ezisencani, ukuhushulwa kwezisu, kanye nokuthwebulwa kwezithombe unqunu.

Waqhubka ukuba umgqugquzeli womkhankaso e-Cape Town kwaze kwaba uyadlula emhlabeni ngoyaka wezi-2018.

Izihloko zakamuva