Ummeli uboshelwe icala lokubulala intombi yakhe

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umndeni kaMahlako Malebo Rabalao uthe uqale ukuzwa ukuthi ubulewe ngesikhathi ushayelwa ucingo isoka lakhe elingummeli ozinze eGoli manje oboshiwe mayelana nokushona kwakhe.

UThubelihle Sbonakaliso Mpisi uboshwe amaphoyisa ngoLwesihlanu kanti uvele enkantolo yemantshi yase-Alexandra ngoMsombuluko.

Ukhuluma ne-Scrolla.Africa ngalolo suku, umndeni kaMahlako uthe uMpisi ungumuntu wokuqala obazise ngokushona kukaMahlako. “Usitshele ukuthi amaphoyisa afike kuyena amazisa ukuthi uMahlako utholwe eshonile emotweni eshile emgwaqeni oqhele kakhulu nalapho ebebehlala khona e-Midrand, eGoli.”

Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa lithe mhla ziyisikhombisa kuNdasa uMpisi utshele umndeni ukuthi intombi yakhe “ilahlekile.”

Ngemuva kwezinsuku ezimbili uMpisi uye wabuyela emndenini eyowubikela ukuthi uMahlako utholwe eshonile emotweni eshile.

Cishe ngemuva kwezinyanga ezine, ngoLwesihlanu ngomhlaka-28 kuNtulikazi uMpisi ongummeli ophinde abe isishoshovu uboshwe amaphoyisa aseGoli alandele umkhomdo wakhe amthola KwaZulu-Natal. Umndeni uthe ushaqekile ngokuboshwa kwakhe. “Besingakaze sicabange ukuthi angathinteka ekushoneni kukaMahlako,” kusho ilungu lomndeni.

“Lo mlisa ubesisiza ngesikhathi simbheka wasiqinisekisa ukuthi uzoya kubo bonke abangani bakhe nasemsebenzini ukuze athole ukuthi unyamalale kuphi. Kodwa okusimangazayo ukuthi akazange abikele amaphoyisa ngokuthi ulahlekile.”

Uthe uMahlako ubengungoti we-IT okhuliswe kahle nguyise ongasekho owayengudokotela nonina onguthisha.

Uphenyo olunzulu lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kwesoka lakhe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uLieutenant Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi uMpisi (30) uboshwe KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ngemuva kokuphuma kwencwadi egunyaza ukuthi aboshwe.

“Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kuvele ukuthi umufi uye wabulawa wase eshiselwa emotweni,” kusho uMasondo etshela i-Scrolla.Africa.

Umndeni uthe lezi zithandani zinendodana eneminyaka emithathu.

Ngemuva nje kokushona kwakhe, uMpisi wafaka izithombe zabo bobathathu ku-Tiktok ezibonisa izinsuku zabo zenjabulo njengomndeni.

“Lala ngokuthula sithandwa sami. Ubuhlungu engikubo bukhulu kakhulu. Angazi ukuthi ngizoqala ngaphi ukubuyisela impilo yami esimweni. Ngizomkhulisa kanjani (igama lengane) ungekho? Ngibonga uNkulunkulu ngokunginika isikhathi nginawe. Akukho okuyoke kukususe lokho,” kufundeka ingxenye yomyalezo omude awufakile.

UKhomishana wesiFundazwe saseGoli uLieutenant General Elias Mawela ukwamukele ukuboshwa kukamsolwa waphinde washayela ihlombe ithimba labaphenyi elisebenze ngokuzikhandla ukuze kuboshwe umsolwa.

UMpisi usagqunywe esitokisini kanti uzobuyela enkantolo mhla ziyisikhombisa kuNcwaba ukuze kulalelwe isicelo sebheyili.

Esithombeni esingenhla: UThubelihle Sbonakaliso Mpisi (kwesokudla) usagqunywe esitokisini ngecala lokubulala intombi yakhe uMahlako Malebo Rabalao (kwesokunxele).

Umthombo wesithombe: Tiktok

Izihloko zakamuva