Ummeli okuvulwe umbhobho wakhe ngephutha eNkantolo yoMthethosisekelo uzwakale enza inkulumo ecwasayo

Arthur Greene

Ukulalelwa kwamacala eNkantolo yoMthethosisekelo ngoLwesine kudingeke ukuthi kuvalwe ngenkathi ummeli uYasmin Omar ebiza oyi-Muslim obambe iqhaza kulolu daba ngokuthi ugqoke “okwe-Ninja”.

Ngaphambi kokuthi kuqale ukuqulwa kwecala, u-Omar, naye okubikwa ukuthi uyi-Muslim, wenze ukuphawula kwe-Islamaphobic enganakile ukuthi bayamuzwa abanye abebekhona.

Ngokubika kwe-The South African, ummeli usevumile ukuthi uphawulile kodwa ugcizelela ukuthi ubekhuluma ngento engahlangene.

Owesifazane obekukhulunywa naye ungummeli uNazreen Bawa SC, kodwa ubengakaqhamuki ukuzokuqinisekisa lokhu.

Esiqeshini sesigameko, owesifazane ogqoke i-hijab emnyama, okuyimpahla yendabuko egqokwa ngabesifazane abangamaSulumane ubonakala ekhoneni elingezansi kwesokudla.

Isihloko sosuku bekuwukuthi ngabe umthetho we-Marriage Act nowe-Divorce Act akuhambisani nomthethosisekelo, ngoba kungenzeka “wehluleke ukwamukela nokulawula imishado yamaSulumane”.

Kodwa-ke, iseshini bekumele imiswe ngemuva kokugqashuka kuka-Omar.

Osabalalise le vidiyo ezinkundleni zokuxhumana ubhale wathi: “Ekuqaleni kokulalelwa kwamacala eNkantolo yoMthethosisekelo, othile uvulelwe umbhobho wokukhuluma ngephutha wenza inkulumo ecwasa amasulumane kummeli oyiSulumane uNazreen Bawa SC. Ngishaqekile impela futhi nginengekile”.

Umthombo wevidiyo: @TanveerJeewa

Izihloko zakamuva