‘Umlutha wezidakamizwa ushise umuzi wakubo’

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Uswele indawo yokuhlala umndeni wakwaPhenduka eMandela Park, e-Khayelitsha, eKapa, ​​ngemuva kokusha kwendlu yawo enamagumbi amane.

“Sisebenzisa igumbi elilodwa nomfowethu odla izidakamizwa, futhi ubhema ngaphakathi endlini,” kusho uNomahlubi Phenduka. “Sicabanga ukuthi ulale ebhema noma ushiye okuthile kusha, okuqale umlilo.”

Umndeni wakwaPhenduka uthe ubonga ukuthi basindile yize belahlekelwe yikho konke emlilweni.

“Bekuyizithuba zabo-02:00 ekuseni ngesikhathi umfowethu ememeza esixwayisa ngalo mlilo. Ngaleso sikhathi ubesevele engaphandle kwendlu,” kuchaza uPhenduka.

Abantu abahlanu abebesendlini kudingeke ukuthi baphume ngefasitela.

“Asikwazanga ukusebenzisa isicabha ngoba umlilo ubunamandla kakhulu. Siphule iwindi saphuma,” kusho yena.

“Angazi ukuthi umfowethu ukuphi kumanje. Ngihlala nomakhelwane, futhi ilungu lomndeni lingigcinele amawele ami. Ezinye izingane zami ezimbili zihlala nabangani. Ngiphatheke kabi ngoba angazi ukuthi ngizoqala ngaphi ukwakha kabusha ikhaya lethu.”

Umndeni wakwaPhenduka, othe uzobika emaphoyiseni, uthe balahlekelwe yikho konke ngisho nomazisi.

“Besifuna nje ukusindisa izimpilo zethu. Asinazo izingubo futhi singaluthokozela noma yiluphi usizo,” usho kanje.

Ikhansela lewadi uMnuz Mthwalo Mkutswana usiza umndeni ukuthi uthole omazisi abasha.

“Ngibanikeze ukudla nezingubo zokulala kodwa noma ngubani ongasiza lo mndeni wakhe kabusha umuzi wamukelekile,” kusho uMkutswana.

Esithombeni ngenhla: Umndeni wakwaPhenduka ulahlekelwe yindlu futhi usola ukuthi umfowabo odla izidakamizwa nguye oqale umlilo.

Umthombo: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva