Umlingisi woMuvhango uzovela kwifilimu entsha

Sizwe Sibiya

Isihlabani somlingisi uMaumela Mahuwa odlala indawo yeNdlovukazi yase-Thathe, uSusan Mukwevho, emdlalweni wodumo u-Muvhango, uzolingisa efilimini entsha yamahlaya yakuleli ebizwa ngokuthi i-The Wrong Girl.

Le filimu iqondiswa  umdidiyeli wase-Nigeria owawina umklomelo uFrank Orji.

I-The Wrong Girl ifilimu ekhuluma ngoFhatuwani ogama lakhe langampela nguPalesa Sehlare ongowesifazane oyingede yoKlebe osebenza njengephoyisa elizifihlile– ozithola ethunjwa izigebengu ezintathu eziyizimfundamakhwela, ngokusho kwemininingwane yefilimu.

UMaumela, ongomunye wabalingisi asebenesikhathi eside ku-Muvhango, uzodlala indawo kaMabula oyilungu lamaphoyisa elinesineke futhi elizinikele embuthweni wamaphoyisa.

“Njengephoyisa, wenza okungaphezu kwamandla akhe. Ngisho nasebusuku uyavuka abheke abafana abami emgwaqeni, ukuthi abenzi yini okubi,” kusho uMaumela etshela i-Sowetan.

Le filimu, ehlelelwe ukukhonjiswa ngomhlaka-26 kuMbasa e-Ster-kinekor Cinema e-Rosebank, iphinde ihlanganise uStanley Khoza, uNtando Mthembu, uMpho Malange, uSean O’Niel kanye noNwabisa Noguba njengabalingisi.

“Sisebenzise amahlaya ukuxoxa indaba ebucayi esematheni njengamanje mayelana nokuthunjwa kwabesifazane.

Kodwa asivezi abesifazane njengabantu abangenakuzisiza lapha. Sikhombisa ukuthi abesifazane banamandla afana noFhatuwani awakhombisayo efilimini, esebenzisa amandla abesifazane abanawo ukusindisa intombazane ethunjiwe,” kuchaza uFrank.

Umthombo wesithombe: The Sowetan

Izihloko zakamuva