Umlingisi wo-Muvhango usengene emculweni wama-piano

Doreen Mokgolo

Umlingisi waseNingizimu Afrika uDingaan Siyabonga Khumalo (uDSK), odume ngelikaJames Motsamai emdlalweni wakumabonakude waseMsanzi uMuvhango manje usengumculi wama-piano.

Lo mlingisi ophinde abe ngumethuli wezinhlelo zakumabonakude upheka ingoma yakhe entsha yama-piano ethi-Gabadiya okulindeleke ukuthi ikhishwe kuzo zonke izinkundla zedijithali maduze.

Uhlanganyele nozakwabo ongumlingisi uSihle Tshabalala (uBhubesi).

Engxoxweni abe nayo ne-Scrollla.Africa uDSK uthe ukulungele ukwabelana nomhlaba jikelele ngohlangothi lwakhe lwezobuciko.

“Abantu abaningi abazi ukuthi ngaphambi kokuthi ngibonakale kumabonakude ngangiyilungu leqembu lomculo. Ngebhadi eqenjini angikwazanga ukugqama njengomuntu oyedwa,” echaza.

Lo mlingisi oneminyaka engama-43 ubudala wengeze ngokuthi ama-paino umculo wangampela omnandi waseNingizimu Afrika ongatholakali ndawo emhlabeni futhi ofuna ukuthi abaculi bacikoze ngempela.

Ngokungafani nezinye izinhlobo zakuleli ezifana nomculo we-Kwaito nowe-House ukwazile ukuzihlanganisa nalo mculo.

Uqhube wathi ngesikhathi uBhubesi emcela ukuba amjoyine esitudiyo ngoba elwazi uthando lwakhe nokwazisa kwakhe umculo wama-piano, akakwazanga ukunqaba.

“Angikwazanga ukuliyeka leli thuba ukuze ngigcine ngizakhele igama kulo mkhakha, ngavele ngagxumela kulo mbono,” echaza.

UDSK uthe usebenzise leli thuba ukuziphumuza nokuzithokozisa esitudiyo ukubalekela ingcindezi.

“Emsebenzini wami, ikakhulukazi ohlelweni lwe-Reality Show iMamazala, sibhekana nezinto eziningi ezicindezelayo mihla namalanga kanti njalo ngemuva kokushutha ngizithola ngidangele.

“Ngisebenzise umculo nesikhathi ngisesitudiyo ukuze ngizipholele ngibalekele umsindo,” esho.

Unethemba lokuthi ingoma ethi-Gabadiya izoba nomthelela ofanayo kubalandeli bakhe nakwabanye abathandi bomculo wama-piano.

“Lena ingoma yomdanso ezokwenza nabantu abaningi badlale izipikha zabo kulesi sikhathi samaholidi,” engeza.

Izihloko zakamuva