Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Embonini enabalingisi abambalwa kakhulu abaphila nokukhubazeka uCalvin Ratladi uzimisele ukuzakhela igama.
Lo mlingisi (32) uqale ukuduma kakhulu emdlalweni owuchungechunge iShaka iLembe lapho adlala khona indawo yesangoma uGoloza.
URatladi uphila ne-kyphoscoliosis okuwukukhubazeka komgogodla ezinhangothini ezimbili kwi-coronal plane kanye nakwi-sagittal plane.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa lo mlingisi uthe ukukhubazeka kwakhe akusona isivimbelo esingamenza angakwazi ukulandela amaphupho akhe.
“Kusukela ngisemncane abazali bami abazange bangiphathe njengomuntu okhubazekile futhi bangikhuthaza ukuthi ngiphile impilo yami njenganoma iyiphi enye ingane engakhubazekile.
“Banqaba ukungibhalisela esikoleni esizimele bathi ngiyakwazi ukuzenzela konke bachaza ukuthi inkinga yami nje ukuthi nginesifumbu,” esho.
Yilapho athola khona amandla akhe okulwa ukuze afeze wonke amaphupho akhe.
Ngemuva kokuphothula umatikuletsheni wabhalisa e-Tshwane University of Technology wenza iziqu ze-drama namafilimu egxile ekuqondiseni nasekubhaleni okuzoshiwo abalingisi.
“Lo mkhakha unabalingisi abambalwa abakhubazekile ngakho nginqume ukuthi ngibhale ngiphinde ngiqondise imidlalo ewuchungechunge kanye namafilimu.
Inyuvesi ifundisa ukubhala kuphela ngonyaka wokuqala. Nami bekumele ngibe sesiteji ukuze ngiqedele lezi ziqu,” engeza.
Yilapho okwavela khona ithalente lakhe lokulingisa.
Enye yezinselelo abhekana nazo njengomlingisi ukuthi imidlalo eminingi ayifaki izindawo ezizolingiswa abantu abakhubazekile.
“Sekuphele iminyaka ngihambela imidlalo eminingi yokulingisa lapho engangitshelwa khona ukuthi nakuba ngiwumlingisi osezingeni eliphezulu; umbhalo awubhalelwe umuntu onjengami.
“Lokhu kuyadumaza futhi kuyadabukisa ngoba nakulo nyaka umphakathi wabantu abakhubazekile usakhishwa inyumbazane,” esho.
UCalvin unethemba lokuthi leli thuba lizogqugquzela abanye abantu abaphila nokukhubazeka ukuthi balwele indawo yabo kulo mkhakha.
Ukusiza ukufeza lokho uhlela ukuthuthela ekwenzeni amafilimu esebenzisa ithalente lakhe lokubhala nokuqondisa ukuze axoxe ngezindaba zabantu abaphila nokukhubazeka.
Esithombeni esingenhla: Umlingisi uCalvin Ratladi
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe