Umlingisi we-Black Panther akasekho

chadwick boseman
Isithombe: @chadwickboseman

Umhlaba uvuke ngezindaba ezibuhlungu namuhla.

Umlingisi we-Black Panther uChadwick Boseman obedlala indawo yeNkosi uT’Challa ‘kwi-Black Panther’ yeWakanda wedlule emhlabeni ngenxa yomdlavuza wekholoni.

UBoseman ubelwa nomdlavuza ngasese kusukela ngonyaka wezi-2016 ngemuva kokuthi atholakale enawo.

“Wedlule emhlabeni ( NgoLwesihlanu ekhaya lakhe enoNkosikazi wakhe kanye nomndeni wakhe eduze kwakhe,” kusho isitatimende.

Ngenkathi elwa nalesi sifo ngasese, uBoseman wenze amanye amabhayisikobho angaphezu kwamahlanu ngenkathi eya” kwadokotela ukuyohlinzwa kaningi kanye nokwenza i-chemotheraphy.”