Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Indawo yokucima ukoma ekhazimulayo i-Konka e-Soweto yaziwa njengendawo ekhethekile lapho umuntu avame ukuthola khona izicebi kanye nosaziwayo bakuleli.
Kodwa ngoMsombuluko kule ndawo kufike umlingisikazi odumile wase-Hollywood nomyeni wakhe oyisihlabani se-NBA.
Amakhasi enkundla yezokuxhumana yase-Konka athumele isithombe somlingisikazi uGabrielle Union kanye nomlingani wakhe ongumdlali we-basketball uDwayne Wade bekulendawo yokucima ukoma.
Lezi zithandani zikuleli ukuzokwethula uhlelo olusha lukaGabrielle lokunakekela izinwele, iGabrielle Flawless.
I-Konka ephethwe ngusomabhizinisi uKutlwano Pitso, idume ezinkundleni zokuxhumana ngamabhodlela otshwala abizayo, kanti amanye amabhodlela abiza u-R14 000.
Lo mlingisikazi uphinde wavakashela e-Zanzibar njengengxenye yohambo lwakhe lwe-#WadeWorldTour ekugubheni usuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engu-50.
Uqale e-Ghana nase-Namibia ngaphambi kokuza kuleli.
Umlingisikazi we-Bring it On ubonwe ezitolo zakwa-Clicks ngaseGoli lapho okudayiswa khona izimonyo zakhe zezinwele kuleli.
Kwi-akhawunti yakhe ye-Instagram, u-Union ubhale ukuthi njengoba beqala uhambo lokunqamula umhlaba ngosuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engu-50, ufuna ukubonga labo abamzungezile empilweni yakhe.
“Ngifuna nje ukubonga umndeni wami, abangani bami abamangalisayo kanye nabo bonke abangani engingakaze ngihlangane nabo mathupha abangisingathile kulolu hambo lwalo nyaka, ngisho nangemuva kokuba ngidlule ezintweni ezithinta impilo yami.
“Ngiyabonga kini nonke ngokungeseka. Nginibonga ngaphezu kwalokho enikucabangayo.”
Esithombeni esingezansi: Umlingisikazi wase-Hollywood uGabrielle Union nomyeni wakhe uDwayne Wade bavakashele indawo yokucima ukoma edumile i-Konka e-Soweto
Umthombo wesithombe: @Konka