Umlingisi uveza izinselelo ababhekana nazo emkhakheni wabo

Lubhalwe ngu-Emily Mgidi

USipho Mbele selokhu angena kwezokungcebeleka eneminyaka engu-20 ubudala kanti kuningi esisazokubona kuye.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa umlingisi, umdidiyeli, umbhali, umculi, isikhulumi esikhuthazayo kanye nowake waba umsakazi uxoxa ngezinkinga ahlangabezane nazo ngesikhathi esebenza ochungechungeni lokuqala lwesiNdebele iKoMkhulu.

IKoMkhulu iqale ukukhonjiswa mhla ziyisishiyagalolunye kuMbasa kulo nyaka kanti ababukeli babanjwe umbango wayo wezikhundla. Isakhiwo esisolisayo salo mdlalo kanye nokukhethwa ngokucophelela kwabalingisi kubonise ukuhluka kwawo.

Kodwa ngeshwa isiqephu sokugcina sizodlala ngeSonto.

UMbele udlala indawo kaHlangabeza oyikhehla lakwaMbonani. Uthe ukhathazwa amahlebezi okuthi uvele wafakwa kulo mdlalo nokuthi uthole le ndima ngaphandle kokuhlolwa.

“Ngiye ngahlola ngalinda ukuzwa njengawo wonke umuntu,” esho. UMbele uthe uye eGoli ngomhlaka-12 kuMasingana ukuze ayohlolwa wathi uye watshelwa ukuthi uzophinde abizwe.

Lo mlisa (53) uthe ugcine ethole lolo cingo oluvela ku-Rhythm World ngemuva nje kokuqopha iNikiwe okuwuchungechunge olusha ku-e.tv.

“Bengijabule kakhulu. Empeleni ngize ngacela intokazi ebingishayele ucingo ukuthi iluvale iphinde ingishayele futhi,” esho.

Le ntokazi iye yamtshela ukuthi kumele eze azoqalisa ukufunda okumele akusho aphinde asayine isivumelwano. “Lona wesifazane uthe sizoqala ukushutha ngesonto elilandelayo amasonto ayisishiyagalombili. Bengijabule kakhulu.

Uthe ubelokhu ephikelele ukulingisa ngesiNdebele kanti ukulingisa kulolu chungechunge iKoMkhulu kumlethele injabulo.

“Besinongoti bezamasiko abebesihola kanti bonke abaqondisi benze konke ukuqinisekisa ukuthi senza umsebenzi oncomekayo,” kusho uMbele.

Uthe lo mdlalo wochungechunge utshwetshulelwe kwaNdebele futhi konke kuyiqiniso.

UMbele uthe okube ibhadi kungesikhathi omunye walabo abathwebulayo ebandakanyeka engozini yemoto ngasekupheleni kokuthwebula.

“Useluleme kodwa lokhu kusiphathe kabi sonke,” esho.

Uthe liningi ithalente elisha wathi ngenxa yokuthi usenesikhathi eside ekulo mkhakha uzame ukufundisa abalingisi abasha ukuthi babambe iqhaza kanjani kwezinye izindawo abazidlalayo.

“Impendulo ebesilokhu siyithola kuleli iyamangalisa,” esho.

Uthe kuyamjabulisa ukusebenzisana nabanye abantu asebemkantshubomvu endimeni yezokungcebeleka abafana noJohannes Mandla Mnguni odlala indawo kaNkosi uMasoso Mbonani, uBongi Mtsweni odlala indawo kaSayina Mbonani, uJames Sithole odlala indima kaKarisa kanye nabanye.

INkosana yakwaNdebele uMagodongo ubejwayele ukufika ngezinye izikhathi ezosivakashela uma sithwebula.

UMbele uthe usebudlelwaneni futhi angathanda ukuyigcina iyimfihlo leyo ngxenye yempilo yakhe okwamanje.

“Amadodakazi ami angenza ngiziqhenye njengamanje. Omunye uyi-graphic designer, omunye wenza i-catering for production kanti omunye wenza izifundo zobudokotela e-Wits,” esho.

Njengamanje uthwebula omunye umdlalo wochungechunge Isistha ozodlala maduze ku-e.tv.

Esithombeni esingenhla: USipho Mbele

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva