Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umlingisi uSello Maake kaNcube uyaziphika izinsolo ezenziwe owayengunkosikazi wakhe zokuthi wamthelela ngegciwane lengculazi futhi uhlela ukumthathela izinyathelo zomthetho.
UPearl Mbewe utshele i-Sunday World ukuthi wayemethemba uMaake kaNcube ngesikhathi ethi akanayo i-HIV kodwa manje usenemibuzo ngesimo sakhe.
Umlingisii odumile uSello Maake kaNcube uphikisana nezinsolo ezishiwo ngowayengunkosikazi wakhe, uPearl Mbewe, mayelana nesimo sakhe se-HIV.
Lo mlingisi uthi uzothathela izinyathelo zomthetho lezi zinsolo athi zamanga.
UMbewe utshele i-Sunday World ukuthi wamkholwa uMaake kaNcube ngesikhathi ethi akanayo i-HIV.
“Ngemuva kwezinyanga ezintathu ngihlukene nobaba wengane yami, ngaya kohlola ngoba ngangingafuni ukuzithola ngithwele ingane yesoka lami noma ngigxumela kobunye ubudlelwano ngingasazi isimo sami se-HIV.
“Imiphumela yokukhulelwa kwami ne-HIV yaphuma ithi anginalutho. Ngakho-ke ngesikhathi engitshela ukuthi naye ubengenalutho, ngamkholwa ngokungazi,” esho.
UMaake kaNcube uziphendulele kwabezindaba ebasola ngokuzama ukuhlakaza imindeni yase-Afrika. Uthi uzolwela ukuvikela igama lakhe nomndeni wakhe.
Esitatimendeni uthe: “Imindeni yase-Afrika iyisikhungo. Lezo zikhungo ziyaholwa. Mina njengenhloko yomndeni ngifuna ukuqinisekisa yonke imindeni yase-Afrika ukuthi ngeke ngisilahle isikhungo njengobaba oqotho.
“Ngaphandle kwalokho okushiwo ngomndeni wami abezindaba abangahloniphi futhi abahlanazela inkulumo futhi abasaqhuba ubukoloni kanti inhloso ukubhidliza imindeni yase-Afrika, ngizomela imindeni yase-Afrika.
“UZibandlela oyinyanga yomndeni, ngifuna ukukhuthaza nokweseka imindeni ukuthi ingadikibali futhi ingalulazwa yilabo abaholayo nabagqugquzela ukucekela phansi imindeni yama-Afrika.
“Ngiyazazi izitatimende ezehlisa isithunzi ezishiwo ngami futhi ngisaqhubeka nezinyathelo zomthetho mayelana nalokhu. Lokhu kwenzelwa ukuvikela umndeni wase-Afrika.”
Osesithombeni esingenhla: USello Maake kaNcube.
Umthombo: Instagram
