Dylan Bettencourt
UTom Hardy omunye wabalingisi abadume kakhulu emhlabeni, usengene emdlalweni womkhalambazo.
Lo mlingisi oneminyaka engu-45 ubudala uzuze indondo yakhe yesibili yegolide ngemuva kokungenela i-Brazilian Jiu-Jitsu Open Championship e-London, kubika i-Hyde News & Pictures.
Ababukeli besikole samabanga aphakeme esingaphansi kwedolobha abebekhona ngesikhathi somqhudelwano, bamangele ngesikhathi isihlabani se-Venom siqhamuka sigqoke izingubo zekarati eziluhlaza okwesibhakabhaka.
Kuthe kusenjalo basale bengawuvali umlomo ngesikhathi lo mlingisi wase-Hollywood eshaya zonke izimbangi zakhe eqeda umqhudelwano engahluliwe.
Okhulumela lo mqhudelwano uthe uHardy uwumuntu olungile futhi bekuyintokozo yangempela ukuba naye aqhudelane emcimbini wabo.
“Wonke umuntu uyamazi, kodwa ubezithobe kakhulu futhi ubekujabulela ukuzinika isikhathi ukuze abantu bathwebule naye izithombe,” kusho okhulumela lo mqhudelwano.
Lona bekuwumqhudelwano wesibili kaPeaky Blinders. NgoNcwaba uHardy wawina umqhudelwano we-REORG Open Jiu-Jitsu e-Wolverhampton umqhudelwano owawubanjwe ukuze kuqoqwe imali yamasosha, omakadebona kanye nabasebenzi bezimo eziphuthumayo.
Omunye wabamelene noHardy, uDanny Appleby uthe ushaqekile ngesikhathi ebona umlingisi engena eringini, kubika i-The Guardian.
Obeyimbangi “kaHardy uthe lesi sihlabani sithe kuye, ‘Khohlwa nje ukuthi yimina futhi wenze lokho obujwayele ukukwenza’.”
U-Appleby wengeze ngokuthi ubengalindele ukuthi uHardy abe namandla njengoba engusaziwayo omkhulu wase-Hollywood.
“Sengenze imiqhudelwano cishe eyisithupha futhi ngike ngaba sematheni kuyona yonke. Kodwa mhlawumbe lo umqhudelwano onzima kunayo yonke engike ngaba kuyo ngokuqinisekile uyafana nalomuntu awuyena uma elingisa kusho uBane,” esho, ebhekise ku-Hardy oyisidlakela esiboshwe imisipha odlala ku-The Dark Knight Rises.
UHardy sekuyisikhathi eside ethanda imidlalo yokulwa. Ekhuluma engxoxweni ngo-2011 lo mlingisi waxoxa ngokuthi waziqeqeshela kanjani indima yakhe ku-Warrior, ifilimu yesenzo lapho edlala khona i-UFC fighter.
“Ngangenza isibhakela samahora amabili ngosuku, i-muay thai yamahora amabili, i-jiu-jitsu yamahora amabili ilandelwa ukufunda mahora amabili kanye nokuphakamisa izinsimbi izinsuku eziyisikhombisa ngesonto izinyanga ezintathu,” kusho uHardy.
Umthombo wesithombe: @MMAFighting