Umlingisi ulaxaze Uzalo

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umdlalo owochungechunge odlala ku-SABC 1, Uzalo ulaxazwe ngomunye wabalingisi abahamba phambili u-Omuhle Gela ngenxa yokushintsha kwesivumelwano sokusebenzisana.

Kuvele ukuthi okuholele ekutheni izinhlangothi ezimbili zingaboni ngaso linye ukuthi Uzalo luguqule imigomo nemibandela yenkontileka.

Njengoba kudingeke ukuthi athuthe eGoli afudukele KwaZulu-Natal, kunesigatshana esisayinwe uGela esasizomvumela ukuthi enze ezinye izinto.

Kodwa cishe ngemuva konyaka ejoyine lo mdlalo owochungechunge wakumabonakude kube nokungaboni ngaso linye. Lo mlingisi uqinisekise ukushiya kwakhe kulo mdlalo wakumabonakude kwi-akhawunti yakhe ye-Instagram.

“Ngebhadi ngithathe isinqumo sokushiya lo mdlalo owochungechunge ngokushesha ngenxa yezizathu ezingaphezu kwamandla ami.

Esitatimendeni, i-Stained Glass edidiyela umdlalo nayo siziqinisekisile lezi zindaba.

“Sithanda ukubonga u-Omuhle ngokuba yingxenye yomndeni woZalo futhi sithanda ukumfisela konke okuhle emizamweni yakhe ezayo,” kusho le nkampani.

U-Omuhle ujoyine lo mdlalo waseThekwini ngasekupheleni kwanyakenye. Bekukholakala ukuthi ukufika kwakhe kuzothuthukisa isibalo sabalandeli. Udlale indawo kaNomsa Magwaza indodakazi kaNjinji elingisa nomakadebona uThembi Nyende oseke walingisa emidlalweni emikhulu yakumabonakude efana nemidlalo Isibiya. U-Omuhle wayethandwa kakhulu ngegama lakhe likaBusi Motsamai ayelingisa ngalo ku-Muvhango.

Izihloko zakamuva